Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwexwayiswa abantu njengoba likhipha umkhovu etsheni eKZN

Kwexwayiswa abantu njengoba likhipha umkhovu etsheni eKZN

by | 4 January 2025

.

ABESIMO sezulu iSouth African Weather Service, sebexwayise ngokushisa okuphezulu kakhulu ezifundazweni ezintathu kuleli namuhla ngoMgqibelo.

Baveza ukuthi amazinga okushisa osukwini lwanamhlanje azokuba phezulu KwaZulu-Natal, yize-Eastern Cape neWestern Cape azoba phezulu kakhulu. Ezingxenyeni eziningi amazinga okushisa acela ku-40°C.

Bakhuthaze abantu ukuba bangahlali kakhulu elangeni, futhi baphuze kakhulu namanzi.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...