Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMbeki ukhala ‘ngosomathuba’ kwi-ANC

UMbeki ukhala ‘ngosomathuba’ kwi-ANC

by | 30 September 2025

UKHALE ngabajoyina i-ANC ngezinhloso zabo zokuzizuzisa owayengumengameli wayo, uMnu Thabo Mbeki, ngesikhathi kunesifundo sokuvuselela leli qembu eRoyal Hotel, eThekwini ngoMgqibelo. 

UMbeki ubethula lesi sifundo kumalungu e-ANC, abeqhamuka ezinhlakeni ezahlukene nakumagatsha ayo. Ubemenywe wubuholi besifundazwe ngenhloso yokucathulisa lawa malungu ngokubaluleka kokuvuselela leli qembu kabusha, njengoba liqhubeka nokwehlelwa yisibalo samalungu ezindaweni ebelizidlela amahlanga kuzona. 

UMbeki uthe phambilini abantu babejoyina uKhongolose ngenhloso yokulwela abantu ukuba bakhululeke, kodwa manje
izinto sezishintshile. Uthe ekuhambeni kweminyaka leli qembu liqale laheha nabantu abangalungile, abebengenazo izinhloso zokulandela imithetho yalo, kodwa abesebebona ithuba lokugwilika. 

Uthe nokho uyajabula ukuthi kukhona leli qembu elikwenzayo ukuzihlanza kulawa malungu athinteka ezenzweni eziphambene nemigomo yalo. Uphinde wancoma isibindi sikaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngokuphumela obala ‘ngobekwenzeka’ emaphoyiseni, okugcine kuholela ekusungulweni kweKhomishini kaMadlanga. 

UMbeki ungomunye wabaholi be-ANC asebeke baphumela obala ngokungahambisani nendlela uMengameli Cyril Ramaphosa ahola ngayo. I-ANC eKZN ithi izifundo zalolu hlobo zizokwazi ukusiza amalungu nabaholi bayo, ukuze bazi ngokumele bakwenze ukubuyisa ithemba kubantu. 

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lahlangabezana nenkulu imbibizane okhethweni lwangonyaka odlule, njengoba lalahleke-lwa ngamandla okuphatha izwe ngalodwana, obekuqala ukwenzeka kusukela kwaqala uhulumeni wentando yeningi, ngo-1994. 

Lokhu kwagcina kuphoqe ukuba i-ANC yakhe ubudlelwano namanye amaqembu ukuze kubunjwe uhulumeni. 

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...