
UBUHOLI obuphezulu beNFP buthathe isinqumo sokumisa ngokushesha uNkz Mbali Shinga kuyona yonke imisebenzi yakhe embandakanya iqembu.
Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu nguNobhala Jikelele walo osabambile uMnu Sunset Xaba siveze ukuthi ungemuva kokucubungula kabanzi, i-NEC inqume, ngokuhambisana nemigomo yoMthethosisekelo weqembu ngokumisa ngokushesha uNkz Shinga onguSihlalo waleli qembu KwaZulu Natal futhi onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.
Kulesi sitatimende saleli qembu siveza ukuthi uNkz Shinga umiswa kuzona zonke izinhlelo nemisebenzi yeqembu.
Lokhu kuhlanganisa ukubandakanyeka kwakhe ekuhleleni nasekuqondiseni izakhiwo zeqembu esifundazweni kanjalo nasekumeleni noma ukusebenzeni egameni leNFP kunoma isiphi isikhundla.
Isitatimende siqhuba ngokuthi ubuholi baleleli qembu obuphezulu buphinde bathatha isinqumo sokubeka uMnu Simphiwe Khumalo oyiPhini likaShinga njengozobamba ukuba nguSihlalo waleli qembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngeledlule uNkz Shinga wavota ngokuphikisana nemiyalelo yesigugu esiphezulu saleli qembu ngesikhathi evotela ukweseka ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli esiShayamthetho.
UMengameli we-NFP uMnu Ivan Barnes waphumela obala ngokuthi iNFP ayisabuthembi ubuholi bukaNtuli esifundazweni futhi leli qembu selihambisana neMKParty ngalesi siphakamiso.
Lesi siphakamiso sigcine singaphumelelanga ngeledlule njengoba amaqembu ahlanganisa uhulumeni wobumbano esifundazwe okuhlanganisa nayo i-NFP ngaphansi kobuholi bukaNkz Shinga bugcine buvota ngokweseka uNtuli.
Ethintwa uNkz Shinga uthe uyitholile incwadi emumisayo kodwa abameli bakhe sebeyalele leli qembu ukuthi lishone elangoLwesibili sebeyihoxisile.
Uqhube ngokuthi uma leli qembu lingayilandeli imiyalelo yale ncwadi bazohlangana enkantolo.







