UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni ngo-2025. Uthe lesi sibalo, senyuke ngo 17,6 %, uma kuqhathaniswa nango 2024.
“Isibalo esingaka sezivakashi ezitheleka kuleli sasigcina ngo 2018, ingakaqubuki iCovid,” esho.
Ushayele isifundazwe iKwaZulu-Natal, ihlombe wathi yisona esihambe phambili, ngoba yisona esibe nezivakashi eziningi ukwedlula zonke ngenyanga kaZibandlela (December) ngonyaka odlule.
UNgqongqoshe u-de Lille, uthe bangu 1,2 million abantu abavakashele, KwaZulu-Natal. Uthe iTheku likwazile ukuguqula isimo lakwazi ukuheha izivakashi ngesikhathi esincane nje. IMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ekuqaleni kwale nyaga wathi ugculisekile ngesibalo sezvakashi ezivike eThekwini ngamaholidi kaKhisimuzi kodwa wakhala ngesibalo esincane sezivakashi ezivela phesheya kwezilwandle uma kuqhathaniswa nezakuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika.
Kutuswa ukwenyuka kwezokuvakasha nje eThekwini, inkampani ekhiphela amalahle ngaphandle kwezwem iRichards Bay Coal Terminal ukusebenza kwaye kwenyuke ngo 10 %.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







