Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ufisa ukuba ngunesi ophase u-matric ena-35

Ufisa ukuba ngunesi ophase u-matric ena-35

by | 17 January 2025


AKAZISOLI ngokubuyela esikoleni owesifazane (35) ophumelele ngamalengiso umatikuletsheni eMthombowesizwe High School, KwaMajomela, KwaNongoma.

UNkz Thobile Mncwango, ongowokuzalwa esigodini saseMfanela, uthi ngo-2023 wasuka ngakubo walibangisa KwaMajomela ngoba engafuni ukubonwa ngabantu bangakubo ukuthi usebuyela esikoleni, phezu kokuba eneminyaka ewu-33 ubudala.

Bese kuphele iminyaka ewu-16 engawazi umbombo kathisha kulandela ukungaphumeleli kumatikuletsheni ngo-2007, kwesinye sezikole zangakubo. Uthi unethemba lokuthi usezokwazi ukufeza iphupho lakhe lokuba ngumhlengikazi.

Utshele leli phephandaba ukuthi kalubanga lula uhambo lwakhe lokubuyela esikoleni ngoba ngaso sonke isikhathi ubezithola enengcindezi yokuthi akufanele afeyile, ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi udicilela phansi igama l-sikole ebese sivele siqalile ukugila izimanga ngokuthola imiphumela emihle ngokuphasa kwabo bonke abafundi baso abenza uGrade 12.

“Nakuba ngingathandi ukuthi kukhulunywe ngempilo yami yangasese kodwa ngingakusho nje ukuthi mina ngilotsholiwe, ngiyingoduso yomuntu. Ngahlala phansi ngabona ukuthi ngaphandle kokuba nesitifiketi sikamatikuletsheni, akukho lapho ngingafinyelela khona.

“Ngakhuluma nomndeni wami. Bonke engakhuluma nabo bakhombisa ukungeseka ngoba umama ongizalayo wazinikela ekutheni uzongigadela izingane. Nginezingane ezimbili ezineminyaka ewu-13 no-4.

“Angikholwanga ngithola ukuthi kunezifundo engiziphase ngo-A. I-Business Studies bengizenzela kuyona ngoba kusukela ekuqaleni, ngangivele ngiyiqonda. Kungethusile ukuthi neLife Science ngiyiphase ngamalengiso,” esho.

Ubonge othisha besikole abefunda kusona. “Ngibonga kubona bonke othisha baseMthombowesizwe ngokungeseka, okuyinamuhla nami sengibalwa nabanye abantu abanegama emphakathini waseNingizimu-Afrika. Ngikholwa wukuthi ikhona iminyango engavuleka uma ngingqongqoza kuyona. Abanye babo lab’ othisha ngimdala kunabo.

“Omunye wabo nguNkz Madondo engimdala kunaye kodwa futhi nguyena owakwazi ukuzinikela, wangikhulumela ukuthi ngibhaliswe njengoba kukhona ababethi kufanele ngiye esikoleni sabadala.

“Omunye umsebenzi engangiwufisa ngowokuba ngusonhlalakahle kodwa ngesizathu sokuthi kawasekho amathuba okuqashwa kuwona, ngagcina sengimanqika ngawo.”

ILANGA lixhumane noNkz Sithembokuhle Madondo (29) ongomunye wothisha bakulesi sikole. Uthe uThobile ubemazisa ngakho konke okuqondene nempilo yakhe.

“Lapha esikoleni sinomgomo wokuthi zonke izingane ezifunda uGrade 12 sehlukaniselane ngazo, sibe ngabazali kuzona. UThobile ubeyingane yami. Siyaziqhenya ngomsebenzi wakhe. Lilodwa iphutha lakhe, okungelokutatazela ngoba ngikholwa wukuthi ukube ubengatatazeli, ngabe uphase kakhulu kunalokhu.

“Esafika kwaGrade 11 esikoleni izingane bezimhleka, emuva kwezinyanga ezintathu zaqala ukushintsha ngoba zibona igama lakhe livela ohlwini lwabayishumi abenze kahle ezinyangeni ezintathu zokuqala konyaka. Lapha esikoleni kusebenzekile ngoba kuphase bonke abafundi. Lona wunyaka wesine sithola u-100%, iminyaka ilandelana,” kusho uNkz Madondo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...