Ilanga News
Home 9 Featured 9 Libuyela ngoLwesibili enkantolo icala lombango wefa likaDD Mabuza

Libuyela ngoLwesibili enkantolo icala lombango wefa likaDD Mabuza

by | 23 September 2025

KUHLEHLISELWE uLwesibili wesonto elizayo mhla ka-30 ukulalelwa kwecala lombambo wefa likaMnu David Mabuza owayeyisekela likamengameli wezwe.

Leli cala lingene kafushane ngoLwesibili eNkantolo eNkulu eMpumalanga.

Ilinganiselwa ku-R44 million imali yempesheni kaMnu Mabuza ebangwayo, okubikwa ukuthi igcinwe yi-Alexander Forbes.

Indodakazi kaMnu Mabuza, uNkz Tamara Silinda, yiyona efake isicelo esiphuthumayo kule nkantolo sokuba kumiswe ukukhokhwa kwale mali iyiswe kuNkk Nonhlanhla Patience Mnisi obekungosikazi wakhe obaziwa ngesikhathi eshona uMnu Mabuza ngoJulayi nonyaka.

UNkz Silinda uzalwa nguNkk Emunah Silinda okubikwa ukuthi wayegane uMnu Mabuza.

Le nkantolo kulindeleke ukuba inqume ukuthi ngubani okufanele ahlomule ngefa phakathi kukaNkk Mnisi noNkk Silinda bobabili abathi bangamakhosikazi akhe.

Kubikwa ukuthi uNkk Silinda ubalula ukuthi unesikhathi washada umshado wesintu noMnu Mabuza, kanti uNkk Mnisi yena uveza isitifiketi somshado esinezinkulumo, okubikwa ukuthi ngesangemuva kokushona kukaMnu Mabuza.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...