
KUHLEHLISELWE uLwesibili wesonto elizayo mhla ka-30 ukulalelwa kwecala lombambo wefa likaMnu David Mabuza owayeyisekela likamengameli wezwe.
Leli cala lingene kafushane ngoLwesibili eNkantolo eNkulu eMpumalanga.
Ilinganiselwa ku-R44 million imali yempesheni kaMnu Mabuza ebangwayo, okubikwa ukuthi igcinwe yi-Alexander Forbes.
Indodakazi kaMnu Mabuza, uNkz Tamara Silinda, yiyona efake isicelo esiphuthumayo kule nkantolo sokuba kumiswe ukukhokhwa kwale mali iyiswe kuNkk Nonhlanhla Patience Mnisi obekungosikazi wakhe obaziwa ngesikhathi eshona uMnu Mabuza ngoJulayi nonyaka.
UNkz Silinda uzalwa nguNkk Emunah Silinda okubikwa ukuthi wayegane uMnu Mabuza.
Le nkantolo kulindeleke ukuba inqume ukuthi ngubani okufanele ahlomule ngefa phakathi kukaNkk Mnisi noNkk Silinda bobabili abathi bangamakhosikazi akhe.
Kubikwa ukuthi uNkk Silinda ubalula ukuthi unesikhathi washada umshado wesintu noMnu Mabuza, kanti uNkk Mnisi yena uveza isitifiketi somshado esinezinkulumo, okubikwa ukuthi ngesangemuva kokushona kukaMnu Mabuza.







