Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UThandiswa nefestivali yokubungaza ubuciko namasiko

UThandiswa nefestivali yokubungaza ubuciko namasiko

by | 9 November 2025

INKAKHA emculweni uThandiswa Mazwai ithi izizwa ithobekile ngokuqokwa kahlanu kwe-albhamu yayo iSankofa, emcimbini weSouth African Music Awards (Sama) wanonyaka.

Le ntokazi ezakhele ugazi ngamanoni esingabala kuwona elithi, “Zabalaza”, elithi “Nizalwa Ngobani”, elithi “Lahl’ umlenze” namanye, izogubha iminyaka ewu-30 isemkhakheni wezomculo, iphinde yethule ifestivali yaminyaka yonke.

“Kakukholakali ukuthi ngizohlanganisa iminyaka ewu-50 ngidla anhlamvana futhi sengichithe ingxenye enkulu yempilo yami emculweni. Ingoma yami yokuqala yaba khona eminyakeni ewu-30 edlule, neqembu elibizwa ngeJacknife,” isho.

UThandiswa uthi iSankofa Heritage Festival izobe ibungaza ubuciko namasiko, futhi inike abeza ngemuva ithuba lokuvelela. Nguyena uqobo ozokube ecula phambili, kanti uzomema amanye amaciko ayecula nawo phambilini.

Le festivali izoba mhla ka-28 kuNhlolanja (February) eCarnival City, eGoli, kanti amathikithi atholakala eComputicket.

“Sikhulu isidingo sokuthi kube namafestivali anjengalawa, azogxila emacikweni, emculweni, enkululekweni nasemphakathi wonkana. Ngijabule ukuthi nami ngizokuba yingxenye yalokho. Inhloso yale nkundla kakusikho ukuvulela amaciko asemasha ithuba kuphela, kepha wukubungaza amasiko nobuntu,” echaza.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...