Ilanga News
Home 9 Featured 9 Liguqele inyanga ezayo elosolwa ngokubulala u-Ayabonga

Liguqele inyanga ezayo elosolwa ngokubulala u-Ayabonga

by | 28 February 2025

KULINDELEKE ukuba abuyele ngenyanga ezayo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini uMnu Mfanafuthi Kunene, obhekene necala lokubulala uNkz Ayabonga Mjilo (23), owanyamalala ngoKhisimusi, watholakala ngemuva kwezinsuku enyamalele esitamkokweni sakubo kamsolwa, eNanda.

UKunene ubevele kule nkantolo ngoLwesithathu, lapho icala lakhe liguqele khona umhla ka-27 kuNdasa (March), ngesizathu zokuthi ummeli wakhe wakwaLegal Aid ufuna ukuthatha imiyalelo ethile kuyena, ethinta afisa kwenzeke ngaleli cala.

Udaba lokunyamalala kukaNkz Mjilo lwaba sematheni ngoZibandlela (December) njengoba imibiko yaveza ukuthi ugcine ukubonakala nomsolwa kwenye yezindawo zokudlela eMhlanga, eThekwini.

Imibiko yaveza ukuthi ngesikhathi behleli ngapha-kathi kule ndawo babebonakala ukuthi kunokunge-zwani phakathi kwabo. Izithombemnyakazo zakule ndawo yokudlela zaveza ukuthi umsolwa nomufi bagibela emotweni eyodwa, wagcina ukubonakala ngalelo langa uNkz Mjilo.

Ngesikhathi ILANGA lihambele kubo kamsolwa, lathola ngonina ukuthi wahlambuluka (umsolwa) kuye, wamtshela ukuthi wenze into embi ezomphoxa.

Unina waveza ukuthi wabe eseshayela amaphoyisa afike amthatha umsolwa. wathi wabuya namanye amaphoyisa, amyalela ukuba axolise aphinde avalelise kunina ngaphambi kokuthi asuswe kwakhe (unina) njengoba ayeseyotakula isidumbu sikaNkz Mjilo, esatholakala sesonakele.

Okhulumela umndeni wakwaMjilo uMnu Mthetheleli Mjilo, onguninalume kamufi, uthi banethemba lokuthi ubulungiswa bazobuthola ngoba bonke ubufakazi bukhomba umsolwa.

Uthi isimo kasisihle emndenini selokhu behlelwa yilesi sehlo, kodwa unethemba lokuthi kuyodlula uma umsolwa esethole isigwebo esifanele.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...