
UGWETSHWE udilikajele neminyaka ewu-10 ngaphezulu, owesilisa owabulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi. UNdabenhle Lindokuhle Majola (38) ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uNkz Inam Tshakeni (20), wagixatshezwa ngeminyaka ewu-10 kwelokumdlwengula.
Uhlulekile wukuzibamba uNkz Nomzamo Majola, ongudadewabo kaMajola, ngesikhathi iJaji uNkz Brenda Sibiya lehlisa isigwebo, zehla mi izinyembezi. Kudingeke ukuba abehamba naye amduduze njengoba bekubonakala ukuthi kuyezwela ukugwetshwa komfowabo.
NgoLwesibili uNkz Majola wamncengela enkantolo uMajola ukuba ingaqinisi isandla uma isimgweba ukuze ezophuma ayolekelela unina kamufi ukukhokha isikweletu asithatha emfundisa. UNkz Majola wakhalela umbulali ngokuthi unezingane azondlayo, kanti kuzona kunefunda e-University of Cape Town (UCT), eyenza unyaka wokuqala.
Wathi nguyena kuphela umfowabo obesebenza, futhi ondla kubo njengoba nonina egula edinga ukuya kodokotela. Konke lokhu kufane nokuthela amanzi emhlane wedada njengoba ijaji lithe ezimweni zakhe zempilo uMajola, kakukho obekungenza igudluke esigwebeni esibekiwe kula macala.
UMajola wabulala uNkz Tshakeni esigamekweni esenzeka mhla ka-13 kuNtulikazi (July) wonyaka odlule. Ngokobufakazi obusenkantolo, okuyibo obulahle uMajola ngecala, kuvele ukuthi wagxisha umufi ngotshwala, wasehamba naye eya emzini wakhe oseReservoir Hills, okuyilapho amdlwengulela khona ngaphambi kokumbulala.
Kuthiwa isidumbu sikamufi uMajola wasilahla ndawana thile eCanelands, ngaseVerulam, lapho esatholakala khona emuva kwezinsukwana enyamalele. Umbiko wokuhlolwa kwaso waveza ukuthi wabulawa ngokuklinywa, kanti wayenezinyanga eziwu-5 ekhulelwe amawele ngesikhathi ebulawa.
Ngesikhathi ijaji lehlisa isigwebo, likhale ngokuthi uMajola kakukho lapho kuvela khona ukuthi uyazisola ngesenzo sakhe, kangangoba akazange axolise ngisho emndenini kamufi. Lithe kunalokho, uxoliselwe ngudadewabo, yena akazange azihluphe. Lithe amacala okubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane adla lubi kuleli. Lithe kubalulekile ukuba lithumele umlayezo nakwabanye abenza amacala afuze leli.
Ijaji lithe umufi wayesemncane futhi impilo yakhe isaqala, kodwa yena nezingane zakhe baphucwa ilungelo lokuphila nguMajola. Lithe umthethosisekelo uthi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Liphinde lacaphuna umbiko kadokotela owathi umufi wayelimele entanyeni, okukhomba ukuthi wayeklinywa.
Ijaji likuchithile ukuthi uMajola wayephuzile njengoba kwasho ummeli wakhe uMnu Patrick Makhumbuza ngesikhathi emcelela ushwele. Lithe uMajola wakwazi ukushayela imoto ephuzile, wahlela nokufihla isidumbu, okukhombisa ukuthi wayekwazi ayekwenza.
Lithe iminyaka ewu-10 uMajola uzoyidonsa kanye kanye nodilikajele.
UMakhumbuza uthe ikilayenti lakhe lisazobuyekeza isinqumo senkantolo nesigwebo ngaphambi kokufaka isicelo sokudlulisela icala phambili. UNkz Asanda Tshakeni ongunina kamufi, ekhuluma neLANGA emuva kwesigwebo, uthe wanelisekile ngaso yize indodakazi ya-khe ingeke isabuya. Uthe okumphatha kabi wukuthi umndeni wakwaMajola kawukaze uye emndenini wakhe uyoxolisa ngento eyenziwa yindodana yawo.
Uthi ubelindele ukuthi abadala bakwaMajola bazoza kubona, kuxoxiswane njengemindeni ngoba uyakuqonda ukuthi wawungayithumile indodana yawo ukuyokwenza lokhu.
“Uma umndeni ungeza kithina, izandla zivulekile, ngeke siwenze lutho ngoba kawuzange umthume uMajola ukuyobulala ingane yami. Namanje sisawulindile ukuthi uze kuzoxoxiswana ngalokhu,” esho.







