Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehlile elothweswe elokubulala umkakhe nezingane e-UK

Lihlehlile elothweswe elokubulala umkakhe nezingane e-UK

by | 22 July 2026

LIHLEHLISELWE u-August 27 icala lokubulala elibhekene nowesilisa waseZimbabwe, uMnu Ndodana Tshuma (46) obevele enkantolo yaseGoli namhlanje ngezinsolo zokubulala unkosikazi wakhe namadodakazi amabili besemzini wabo e-United Kingdom (UK) ngasekuqaleni kwale nyanga.

UTshuma owabanjwa eGoli esebalekile e-United Kingdom, ubevele enkantolo ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu, nezinhlelo zokuthi aphindiselwe e-UK ukuyobhekana namacala akhe.

Akasifakanga isicelo sebheyili njengoba egcinwe ezitokisini.

Emva kokutholakala kwesidumbu sikankosikazi namadodakazi emzini wabo oseBedfordshire e-UK, kuqale uphenyo kuthungathwa uTshuma.

Kuthiwa ubebaleka elibhekise eZimbabwe futhi wasebenzisa isikhumulo samabhanoyi saseLondon iHeathrow ukufulathela leliyazwe.

Uze wabanjwa amaphoyisa aseNingizimu Afrika ngoJulayi (Ntulikazi) 10.

Ngesikhathi eqeda kubanjwa, okhulumela amaPhoyisa eNingizimu Afrika, u-Athlenda Mathe ukuchazile ukuthi okwenza uTshuma akwazi ukubaleka aze afike kuleli, kungenxa yokuthi kwakungakaziwa ukuthi ushiye unkosikazi nezingane sebeshonile emzini wabo.

Yize edingeka ngokushesha phesheya kwezilwandle ukuyobhekana namacala akhe njengoba kufakwe isicelo sokuthi ayiswe khona, kodwa kusamele abhekane necala lokutholakala kwakhe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.

Kuthiwa lesi sibhamu wayesithenge elokishini e-Alexandra, eGoli ngenhloso yokuzidubula azibulale ngaso.

Amacala womabili okungelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokuyiswa e-UK kusamele aphothulwe la eNingizimu Afrika.

E-United Kingdom, uTshuma uthweswe amacala okubulala amathathu, njengoba esolwa ngokubulala unkosikazi wakhe, uNk Zandile Tshuma (42) obenguMqondisi ovelele ekuxazululweni kwamacala athinta imali namadodakazi akhe amabili uNatalie (15) noNala (5).

Uma elahlwa amacala eNingizimu Afrika inkantolo iveze ukuthi kuzomele adonse isigwebo sakhe kuleli ngaphambi kokuba ayobhekana namacala akhe e-United Kingdom.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...