Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhlehliselwe usuku olusazomenyezelwa owokuvulwa kwamahhovisi akwaCogta oNdini

Uhlehliselwe usuku olusazomenyezelwa owokuvulwa kwamahhovisi akwaCogta oNdini

by | 3 December 2024

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

PHUMLANI GAMA

UHLEHLISELWE usuku olungaziwa umcimbi wokuvulwa kwamahhovisi oMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi oNdini.


Umcimbi wokuvulwa kwamahhovisi alo mnyango bekulindelwe ukuthi ube ngoLwesine. Bekuhlelwe ukuthi uzohanjelwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, futhi yisona ebesizokwenza umsebenzi wokuvulwa lawa mahhovisi alo mnyango.

Ukuhlehliswa komcimbi kuqinisekiswe nguMnu Thami Ntuli onguNdunankulu waKwaZulu-Natal ngesikhathi ekhuluma neLANGA ngemuva  komcimbi wokugujwa kosuku lwabantu abaphila nokukhubazeka kulesi sifundazwe,  enkundleni yezemidlalo eRichmond  ngoLwesibili.

Okhulumela umnyango wakwaCogta ezifundweni, uMnu Senzelwe Mzila, wenqabile ukuphawula ngalolu daba, kunalokho wanxusa ukuba kuthintwe ihhovisi likandunankulu wesifundazwe.

UNtuli uthe bonke abebeyizimenywa bazisiwe ngokuhlehla kwalo mcimbi.

Uqhube wathi isizathu sokuhlehliswa kwawo kube wukuthi kunezinhlelo ezingakaphothulwa. Uthe uhulumeni wakhe uyahambisana nokuvulwa kwamahhovisi oLundi, kodwa kunemigudu okufanele ilandelwe.

“Njengohulumeni wesifundazwe, sibone ukuthi kunezinto okufanele sidlule kuzona ngokulandela umthetho.

“Sivumelene nongqongqonshe womnyango ukuthi uhlehliswe umcimbi. Ngithi angikuchaze lokhu ngoba ngiyazi ukuthi kunabanye abantu abazokhuluma bathi kungenzeka ukuthu kunenkinga ekhona. Cha, akunjalo.

“Ukuvulwa kwehhovisi, kuzokwenziwa ngosuku oluzoqokwa uma sekuphothulwe zonke izinhlelo,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...