Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

by | 6 January 2026

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe.

UNobhala we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ubize isithangami sabezindaba, wathi isigungu esiphezulu senhlangano njengoba beseNorth West, belungiselela umgubho weminyaka engu-114, uKhongolose wasungulwa sithathe isinqumo sokuthi kubangwe umsindo, kugxekwe abakubize ngesikhulu esenziwe yiMelika.


UKhongolose, uthi lokhu okwenziwe yiMelika, kuphambene nomthetho olawula amazwe omhlaba, futhi kuwuchuku. Ithi akuyona impi eqondiswe ekulweni nokushushumbiswa kwezidakamizwa, kodwa iMelika ifuna ukulawula umcebo waseVenezuela. NoMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa, ekhuluma kubungazwa impilo kaJoe Slovo, owayenguNobhala-Jikelele weSouth African Communist Party (SACP), uthe isenzo seMelika, sesinyakazise amazwe omhlaba. Uthe uJoe Slovo wachitha impilo yakhe yonke elwela ubulungiswa, elwa nokuntuleka kwemisebenzi nendlala, okuyizinto ezikhathaza imiphakathi yethu njengamanje.


“Isinqumo seSACP sokungenela ukhetho ngokuzimela, kungaba yiphutha elingechazeke. USlovo, ukhombise ubuqhawe engumkhuzi woMkhontwe weSizwe, uphiko lwezempi, lwe-ANC futhi enothando lwabantu olusuka ngaphakathi kuyena,” kusho uMengameli Ramaphosa.


Uthe izinhlangano ezingamadlelandawonye, kufanele ziqhamuke namasu okuphucula impilo yabantu, zibambene. ISACP, imemezele ukuthi izongenela ukhetho ngokuzimela ingeyona ingxenye yeANC- lokhu uMengameli Ramaphosa akuchaze ngokuthi ukuzigwaza ngomkhonto wayo.


UMnu Joe Slovo, ushone ngomhlaka 6 kuMasingana (January) ngonyaka we-1995, ngemuva kokuxinwa ngumdlavuza womnkantsha isikhathi eside. Ngesikhathi eshona uMengameli wangaleso sikhathi, uMnu. Nelson Mandela, wayemnike isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...