Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Lilele emhlanganweni nesisulu ikusasa lomsakazi woKhozi FM

Lilele emhlanganweni nesisulu ikusasa lomsakazi woKhozi FM

by | 10 January 2025

THANDOLUHLE NGUBO

KUSEMNYAMA ngokubuyela emsakazweni uKhozi FM kukaSiyabonga “Siya” Mhlongo njengoba icala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa ‘oyisinqandamathe sakhe’ abhekene nalo lihlehlele inyanga ezayo uNhlolanja (February).


USiya ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo ngoLwesithathu lapho icala liguqele umhla ka-12 kuNhlolanja okuyilapho okuyohlala khona uhlelo lwenkantolo olwaziwa nge-pre-trial conference. Kulolu hlelo yilapho ummangalelwa nesisulu benikwa yinkantolo ithuba lokuzama ukuxoxisana, bafike esivumelwaneni esithile, icala lingaqulwa, okuthathwa njengohlelo olonga izinsiza nesikhathi senkantolo.


Umshushisi wecala uNkz Hoossen (elingatholakalanga igama lakhe), utshele inkantolo ukuthi bonke ubufakazi obudingwa wumbuso obufaka phakathi nezitatimende (okungesesisulu nesikaSiya) sebuqoqiwe kodwa njengomthetho, icala lizodlulela kulesi sigaba (pre-trial conference) ngaphambi kokuba liyoqala ukuqulwa.


Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA laba ngelokuqala ukubika ngalolu daba okuthiwa lwenzeka ngomhla ka-30 kuNcwaba (August) wonyaka ophelile. Imibiko yaveza ukuthi ingxabano kaSiya nalo wesilisa yasuka ngemuva kokuba besuke kwenye yezindawo zobumnandi esemgwaqweni ongaconsi phansi kubathandi bobumnandi baseThekwini, uFlorida.


Isisulu satshela leli phephandaba ukuthi sebehamba noSiya, wavukwa yisikhwele ngenxa yokuthi ngesikhathi beshiya indawo yobumnandi owesilisa ababehleli naye ongumngani wabo wavalelisa kuso (isisulu) wathi ‘mncwa mncwa’ naso senzenjalo. Sithi uSiya wabe esesibuza ukuthi kungani sigahambanga nalona othe “mncwa mncwa” ngoba vele kusho ukuthi ubefuna ukuhamba naye, okwathi sisaphendula wasishaya ngebhodlela leSavanna ebusweni salimala.


Ngesikhathi ILANGA lithinta uSiya ngalolu daba, wakuchitha konke okwashiwo yisisulu kodwa zayima emthumeni uma esebuzwa ngama-video amkhombisa esemotweni encenga lo wesilisa ukuba angene kuyona ukuze amphuthumise esibhedlela. Kusuka kulezo zinsuku uSiya akabange esezwakala emoyeni kuze kube yimanje.


Imithombo yaleli phephandaba engaphakathi oKhozini FM, yalihlebela ukuthi ngasekuqaleni kukaLwezi (November) wonyaka ophelile uSiya waya kulo msakazo eyocela ukubuyiselwa emoyeni kodwa iziphathimandla zamtshela ukuthi udaba lwakhe luyokhulunywa uma kuphothulwa icala lakhe.


Umthombo watshela ILANGA ukuthi abaphathi balimisa ngesihloko elokuthi uma icala limulahla kuzobe kuphelile phakathi kwakhe nalo msakazo kodwa uma limkhiphe phambili

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...