Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Liyakhula idumela lokukhempa ngokusezingeni lomntakabani

Liyakhula idumela lokukhempa ngokusezingeni lomntakabani

by | 6 May 2025


ABANTU abaningi bazı ukuthi ukukhempa kusho ukudela ubuntofontofo bekhaya noma behhotela, uyohlale etendeni elincanyana ukuze uzizwe uyingxenye yemvelo.


Kodwa-ke kunabantu abathandayo ukuphuma baye kwimvelo, kodwa abamanqika ukushiya ubuntofontofo nobukhazikhazi ababujwayele noma ababuthandayo. Yibona kanye labo abathathwa njengamakhasimende eGlamping, okuhlelwa ingqungquthela yayo ezokuba seJohannesburg Expo Centre ngomhla ka-20 no-21 kuNhlangulana (June).


Le ngqungquthela (Glamping Expo) izokwethulwa kwabemboni yezokuvakasha kwi-Africa’s Travel Indaba (ATI) ezokuba ngesonto elizayo, lomhla ka-12 kuya ku-15 kuNhlaba (May) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.

IGlamping Adventures izokuba netafula lapho ezokube ichazela izihambeli ze-ATI ngalolu hlobo lokukhempa okuthiwa luhambisana nomongo weG20, wokusungula izinto ezintsha nokuthuthukiswa kwemvelo.

Igama elithi glamping liyinhlanganisela yamagama athi glamorous camping, achaza ukukhempa ngokusezingeni lomntakabani. Lapha kusetshenziswa kakhulu ubuchwepheshe besimanje kusukela kumatende asetshenziswayo nezindlu zokuhlala ezindaweni ezikhethekile, kuya kwezinye izinto ezinika izivakashi umuzwa ongefaniswe nalutho.

Ngokusho kukaNkz Gugu Sithole, ongumsunguli weGlamping Adventures, okuyiyona ehlele iGlamping Expo, lolu hlobo lokukhempa lukhombisa ushintsho kwezokuvakasha, oluhambisana nokushintsha kwesikhathi.


“I-Glamping Expo 2025 izoveza indlela imboni yezokuvakasha esebenzisa ngayo amasu amasha ukubhekana nokushintsha kwezidingo zezivakashi sesikhathi samanje,” esho.


Le ngqungquthela yesenia yiSouth African Tourism neGauteng Tourism Authority.


Ngokusho kukaNkz Sithole, nakuba iGlamping ibonakale iba bedumela elikhulu e-Europe, eNorth Amerian ase-Asia, i-Afrika inethuba lokuba yikhaya lezokuvakasha ezithinta imvelo ngenxa yobuhle bemvelo, amasiko namathuba entuthuko enozinzo okukuyona.

Ngeminye imininingwane ngeGlamping Expo, kuvakashelwa ku-www.glampingexpo.africa

NGUNKZ Gugu Sithole ongumsunguli weGlamping Adventures, ehlela iGlamping Expo ezokuba seGoli ngoNhlangulana (June).

IZITHOMBE NgabeSiyedwa Media

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...