Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lizoqulwa ngenyanga ezayo elesosha ‘elabulala owesifasane beshayelisana kabi’

Lizoqulwa ngenyanga ezayo elesosha ‘elabulala owesifasane beshayelisana kabi’

by | 17 July 2026

NGUMUFI uNkz Zandile Mnomiya

KULINDELEKE ukuba liqale ukuqulwa enkantolo yesiFunda Chatsworth ngenyanga ezayo icala elibhekene nesosha elisolwa ngokubulala owesifazane abashayelisana kabi naye.

Lokhu kuvele ngesikhathi uMnu Mboniseni Zilozi evele kule nkantolo ngoLwesithathu ngecala lokubulala uNkz Zandile Mnomiya icala lakhe labe selihlehliselwa umhla zingu-18 ku-August. ILANGA selibike izikhawu eziningi ngalolu daba kulandela isigameko esenzeka ngoMarch wangonyaka edlule eMlazi.

Kubikwe ukuthi umufi wayekade ephuma kubo esigcemeni sakwaP, ebheke emzini wakhe okwaZ khona eMlazi. Kubikwa ukuthi endleleni wabe eseshayelisana kabi nomsolwa, kwabe sekuqubuka ingxabano phakathi kwabo. Kuvele ukuthi ingxabano yaholela ekutheni uZilozi edonse isibhamu, wadubula uNkz Mnomiya washonela endaweni yesigameko, maqede washaya wachitha.

Ngesikhathi uZilozi ebaleka endaweni yesigameko, kwasala ophaqa owodwa kwayebagqokile. Emuva kwesikhathi uZilozi wabe eseboshwa kanti ngesikhathi evela enkantolo eyofaka isicelo sebheyili, umphenyi wecala waveza ukuthi baya emzini wakhe umsolwa eseboshiwe, okulapho bathola khona omunye uphaqa ofana ncamashi nalona owasala endaweni yesigameko.

UZilozi wanqatshelwa ibheyili ngonyaka odlule kanti nakulo nyaka uzamile ukufaka isicelo sebheyili okwesibili, ngoba ethi unobufakazi obusha, nakhona wanqatshelwa ibheyili. Leli cala belikhu lingena enkantolo kanti selihlehliswe izikhawu eziningi.

NgoLwesithathu, icala lihlehliselwe umhla zingu-18 kuya ku-21 ngenyaka ezayo nalapho kulindeleke ukuba kuqale ukuqulwa kwalo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...