Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lizoqulwa ngenyanga ezayo elesosha ‘elabulala owesifasane beshayelisana kabi’

Lizoqulwa ngenyanga ezayo elesosha ‘elabulala owesifasane beshayelisana kabi’

by | 17 July 2026

NGUMUFI uNkz Zandile Mnomiya

KULINDELEKE ukuba liqale ukuqulwa enkantolo yesiFunda Chatsworth ngenyanga ezayo icala elibhekene nesosha elisolwa ngokubulala owesifazane abashayelisana kabi naye.

Lokhu kuvele ngesikhathi uMnu Mboniseni Zilozi evele kule nkantolo ngoLwesithathu ngecala lokubulala uNkz Zandile Mnomiya icala lakhe labe selihlehliselwa umhla zingu-18 ku-August. ILANGA selibike izikhawu eziningi ngalolu daba kulandela isigameko esenzeka ngoMarch wangonyaka edlule eMlazi.

Kubikwe ukuthi umufi wayekade ephuma kubo esigcemeni sakwaP, ebheke emzini wakhe okwaZ khona eMlazi. Kubikwa ukuthi endleleni wabe eseshayelisana kabi nomsolwa, kwabe sekuqubuka ingxabano phakathi kwabo. Kuvele ukuthi ingxabano yaholela ekutheni uZilozi edonse isibhamu, wadubula uNkz Mnomiya washonela endaweni yesigameko, maqede washaya wachitha.

Ngesikhathi uZilozi ebaleka endaweni yesigameko, kwasala ophaqa owodwa kwayebagqokile. Emuva kwesikhathi uZilozi wabe eseboshwa kanti ngesikhathi evela enkantolo eyofaka isicelo sebheyili, umphenyi wecala waveza ukuthi baya emzini wakhe umsolwa eseboshiwe, okulapho bathola khona omunye uphaqa ofana ncamashi nalona owasala endaweni yesigameko.

UZilozi wanqatshelwa ibheyili ngonyaka odlule kanti nakulo nyaka uzamile ukufaka isicelo sebheyili okwesibili, ngoba ethi unobufakazi obusha, nakhona wanqatshelwa ibheyili. Leli cala belikhu lingena enkantolo kanti selihlehliswe izikhawu eziningi.

NgoLwesithathu, icala lihlehliselwe umhla zingu-18 kuya ku-21 ngenyaka ezayo nalapho kulindeleke ukuba kuqale ukuqulwa kwalo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...