
UYAQHUBEKA nokuzakhela igama ezwenikazi i-Afrika umzwilili waseNingizimu Afrika ophinde abe ngumbhali wezingoma uDeborah McKay oqokwe eminxeni emibili emcimbini wokuklomelisa waseGhana obizwa ngeWestern Global Awards.
UDeborah ogama lakhe langempela uDkt Samukele Khumalo Dludla futhi odabuka KwaNongoma, uqokwe eminxeni we-Urban/ Contemporary Artiste of the Year lapho eqhathwe khona noCorbina Saah, Kofi Karikari, Kofi Ayeyi, Rapgees GH noCofi Boham noweBest Vocal Perfomace- Diaspora lapho ebanga khona noDavid Koomson, Francis Armah noSunshine Selina.
Lo mzwilili ocula umculo oxuba ijazz ne-gospel uqokwe kulo mcimbi uzoba ngomhla ka 14 kuNovember nonyaka.
Uthe izindaba zokuqokwa kwakhe kulo mcimbi ziqhamuka ngesikhathi lapho elungiselela khona ikhonsathi yakhe ebizwa ngokuthi The Inspiration:Jazz Meets Gospel ozoba seThe Plahouse eThekwini ngomhla ka-23 ku-October kophezulu.
Uthe lo mcimbi uzoqhakambisa ibanga aselihambile emculweni we-jazz nowe-gospel kanti kuzophinde kube khona nomculo we-orchsestra.
Ngaphandle komculo uDeborah McKay uphinde abe ngimkhiqizi wamafilimu, umlingisi futhi abe yisishoshovu esilwela ukulingana kobulili.

Uphinde abe ngumsunguli wePower24 international Film Festival egxile ekuqinisekiseni ukuthi nabakhubazekile bathola ukwamukeleka nokunikwa ithuba emkhakheni wezokukhiqiza amafilimu.
UDeborah McKay udalule ukuthi konke sekumi ngomumo ngengoma yakhe esihloko sithi Lizalis’idinga Lakho okulindeleke ukuthi iphume ngasekupheleni kwalo nyaka.
Uveze ukuthi uzizwa ethobekile ngokuqokwa kulo mcimbi ikakhulukazi ngoba lokhu kubeka umculo wakhe kwibalazwe lomhlaba.
Kuyisibusiso ukuthi umculo wami awugcini nje kuleli kodwa uthinta nabantu bakwamanye amazwe,” kusho yena.
Uthe inhloso enkulu ngomculo wakhe wukulapha imiphefumulo wukukhuthaza nokuthuthukisa abantu kanjalo nokubanikeza ithemba.







