Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Luhlose ukuthuthukisa nabalimi abasakhula oluhlanganisa uMzansi ne-Italy

Luhlose ukuthuthukisa nabalimi abasakhula oluhlanganisa uMzansi ne-Italy

by | 18 September 2025

LUHLOSE ukukhangisa nokugabisa ngezithako zokudla ezihlukile ezitholakala eNingizimu Afrika uhlelo lompheki uZandile Makhoba, owaziwa ngelikaChef Zandi kulo mkhakha wezitshulu olubizwa ngeMzansi Meets Italian Culinary Experince olwethulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko.

Lolu hlelo oluhlanganisa uChef Zandi nompheki odabuka e-Italy, uPaul Dukai luhlanganisa izitshalo nemifino ekhiqizwa ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, luhlanganisa abalimi nabadobi.

Echaza ngalolu hlelo uChef Zandi owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iColor Your Plate With Koo kwi-SABC 2, uthe luhlanganisa ukusuka lapho kutshalwa khona ukudla kuze kufinyelele epletini lokudla.

“Esikhathini esiningi njengabapheki ukudla sikuqala uma sekufinyelele ekhishini singazi lapho kusuka khona ukuthi kuqale kanjani ngobani abakuqalile besebenzisa ziphi izindlela. Uyabona nje ngalolu hlelo sizimisele ukuqopha ukusuka nokuhlala kuze kufinyelele epletini lapho umuntu esekuthola kumnandi sekudliwa,” kusho uZandi.

Uthi konke lokhu kuzoqoshwa ngenhloso yokuthi kukhonjiswe esiteshini se-internet iYoutube.

“Okuhle wukuthi sisebenzisana nabalimi abasakhulu ngaphandle kwesikhungo uMgibe esisebenzisana nabalimi abahlukene KwaZulu-Natal. Sizobanika ithuba lokuthi bazibonakalise kulolu hlelo ngokusithatha basibeke ngokuqala kwabo bese tshala kuze kube bayavuna bese siyazithatha izitshalo zabo siyokwenza izibiliboco zomhlaba ngazo,” kusho uZandi enza isibonelo ngamadumbe akwazile ukuwenza ngendlela ehlukile ngokusebenzisana noChef Paul.

Uthi kukhona lapho bezobonakala beyodoba inhlanzi nayo ezobuye iphekwe ibe yisibiliboco.

“Sizoyipheka ngendlela ezokwenza nabase-Italy bayithakasela njengoba sihlanganisa la mazwe,” kusho yena.

Uthe kuzothi bese beqedile ngeziqephu zakuleli bese beya e-Italy beyoqhubeka behlanganisa ukudla kwase-Italy nokwakuleli. I-Italy idume kakhulu ngokudla okubalwa kukho iPizza nePasta.

“Zikhona izindlela esingakwazi ngayo ukwenza i-pasta sisebenzisa izithako zakuleli,” kusho uChef Zandi.

UChef uthe lolu hlelo ulwenza ngokubambisana nezinkampani ezahlukene zakuleli nazo ezinezinhlelo zokuthuthukisa ngaphansi kwazo.

Kulezi zinkampani ubala iSea Dreams Guest House Ballito, Stella Artois, SMG, BMW Umhlanga, Perdeberg Wines, Azamelo Solutions, Dolphinde Coast Adventures kanti uphinde asebenzisane nezikhungo ILANGA Skills and Management Development lapho esebenzisana nabapheki abasakhula noMqibe Farmig Organics and Training Institute.

Uthe okuseqhulwini wukuthuthukisa abapheki abasakhulu kanjalo nabalimi ngenhloso yokubafindisa ukuthi izitshalo zabo zingaba sezingeni lomhlaba uma zisetshenziswa kahle.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...