Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Luhlose ukuthuthukisa nabalimi abasakhula oluhlanganisa uMzansi ne-Italy

Luhlose ukuthuthukisa nabalimi abasakhula oluhlanganisa uMzansi ne-Italy

by | 18 September 2025

LUHLOSE ukukhangisa nokugabisa ngezithako zokudla ezihlukile ezitholakala eNingizimu Afrika uhlelo lompheki uZandile Makhoba, owaziwa ngelikaChef Zandi kulo mkhakha wezitshulu olubizwa ngeMzansi Meets Italian Culinary Experince olwethulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko.

Lolu hlelo oluhlanganisa uChef Zandi nompheki odabuka e-Italy, uPaul Dukai luhlanganisa izitshalo nemifino ekhiqizwa ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, luhlanganisa abalimi nabadobi.

Echaza ngalolu hlelo uChef Zandi owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iColor Your Plate With Koo kwi-SABC 2, uthe luhlanganisa ukusuka lapho kutshalwa khona ukudla kuze kufinyelele epletini lokudla.

“Esikhathini esiningi njengabapheki ukudla sikuqala uma sekufinyelele ekhishini singazi lapho kusuka khona ukuthi kuqale kanjani ngobani abakuqalile besebenzisa ziphi izindlela. Uyabona nje ngalolu hlelo sizimisele ukuqopha ukusuka nokuhlala kuze kufinyelele epletini lapho umuntu esekuthola kumnandi sekudliwa,” kusho uZandi.

Uthi konke lokhu kuzoqoshwa ngenhloso yokuthi kukhonjiswe esiteshini se-internet iYoutube.

“Okuhle wukuthi sisebenzisana nabalimi abasakhulu ngaphandle kwesikhungo uMgibe esisebenzisana nabalimi abahlukene KwaZulu-Natal. Sizobanika ithuba lokuthi bazibonakalise kulolu hlelo ngokusithatha basibeke ngokuqala kwabo bese tshala kuze kube bayavuna bese siyazithatha izitshalo zabo siyokwenza izibiliboco zomhlaba ngazo,” kusho uZandi enza isibonelo ngamadumbe akwazile ukuwenza ngendlela ehlukile ngokusebenzisana noChef Paul.

Uthi kukhona lapho bezobonakala beyodoba inhlanzi nayo ezobuye iphekwe ibe yisibiliboco.

“Sizoyipheka ngendlela ezokwenza nabase-Italy bayithakasela njengoba sihlanganisa la mazwe,” kusho yena.

Uthe kuzothi bese beqedile ngeziqephu zakuleli bese beya e-Italy beyoqhubeka behlanganisa ukudla kwase-Italy nokwakuleli. I-Italy idume kakhulu ngokudla okubalwa kukho iPizza nePasta.

“Zikhona izindlela esingakwazi ngayo ukwenza i-pasta sisebenzisa izithako zakuleli,” kusho uChef Zandi.

UChef uthe lolu hlelo ulwenza ngokubambisana nezinkampani ezahlukene zakuleli nazo ezinezinhlelo zokuthuthukisa ngaphansi kwazo.

Kulezi zinkampani ubala iSea Dreams Guest House Ballito, Stella Artois, SMG, BMW Umhlanga, Perdeberg Wines, Azamelo Solutions, Dolphinde Coast Adventures kanti uphinde asebenzisane nezikhungo ILANGA Skills and Management Development lapho esebenzisana nabapheki abasakhula noMqibe Farmig Organics and Training Institute.

Uthe okuseqhulwini wukuthuthukisa abapheki abasakhulu kanjalo nabalimi ngenhloso yokubafindisa ukuthi izitshalo zabo zingaba sezingeni lomhlaba uma zisetshenziswa kahle.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...