Ilanga News
Home 9 Featured 9 Luselude ukhalo kolukaNkz Shinga neNFP

Luselude ukhalo kolukaNkz Shinga neNFP

by | 21 April 2026

KULINDELEKE ukuthi kucace maduze ngokuzokwenzeka ngesikhundla sikaNkz Mbali Shinga esiShayamthetho nakwiKhabhinethi yaKwaZulu-Natal, kulandela ukukhonjwa indlela yiqembu lakhe, iNational Freedom Party (NFP).

NgeSonto leli qembu likhiphe isitatimende esishicilelwe yibamba likaNobhalala-Jikelele walo, uMnu Bheki Xaba, ngesinqumo sesigungu sokuqondisa ubugwegwe, esiveze ukuthi ngenxa yokulahlwa ngamacala kukaNkz Shinga, selithathe isinqumo sokumxosha kulona.

UNkz Shinga wabhekana naleli komidi lokuqondiswa ubugwegwe kulandela ukuphikisana kwakhe nomyalelo weqembu ngesiphakamiso seMK Party esiShayamthetho, sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli. I-NFP ngomlomo kaMnu Ivan Barnes, ongumengameli wayo, yaphumela obala ngokuthi ihambisana nalesi siphakamiso njengoba isiqoke ukudlelana neMK Party, futhi kayisabethembi ubuholi bukaNtuli.

Ngemuva kwalesi siphakamiso, uNkz Shinga wayalelwa ukuba avotele ukweseka iMK Party kulesi siphakamiso, kodwa waqoka ukuvota ephikisana nalokhu, wahambisana nobuholi bukaNtuli. Lokhu kwaholela ekutheni leli qembu limqondise ubugwegwe ngokungawulandeli umyalelo weqembu.

Ngeledlule ugcine elahlwa ngamacala abebhekene nawo. Kulesi sitatimende sokumxosha, kuvele ukuthi uNkz Shinga unikeziwe ithuba lokuphawula, azicelele ushwele. Ngokwalesi sitatimende, ucele ukunikezwa isikhathi kuze kushaye umhla ka-22 kwephezulu, kodwa usihlalo waleli komidi wasichitha isicelo sakhe, wamnikeza usuku lwangoLwesihlanu, olufike lwaze lwadlula engakasho lutho.

Yilapho leli qembu ligcine lithatha isinqumo esigcwele sokumkhomba indlela kulona.
Ukuxoshwa kukaNkz Shinga kusho ukuthi kumele ahoxe esiShayamthetho njengoba linesihlalo esisodwa, okuyisona esimqoka ukuthatha izinqumo, kwazise bekuyisona esashayelela isipikili sokubekwa kukaNtuli esikhundleni, ukwakha uhulumeni wenhlanganisela.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal wakhiwe yi-IFP, yi-ANC, yiDA neNFP ngoba esewonke la maqembu anezihlalo eziwu-41, kweziwu-80 ezikhona esiShayamthetho. Inhlanganisela yeMK Party ne-EFF, yakha izihlalo eziwu-39 esiShayamthetho. Ukuphuma kukaNkz Shinga esiShayamthetho kusho ukuthi kuyaphela ngesikhundla sakhe sokuba ngungqongqoshe njengoba ezobe engaselona ilungu lesiShayamthetho.

UNkz Shinga ushaye ngamafuphi ebuzwa ngokuxoshwa kwakhe, wathi iqembu belingakamazisi. Phambilini watshela leli phephandaba ukuthi uzophawula uma leli qembu selisithathile isinqumo ngekusasa lakhe.

Okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnu Bongani Gina, uthe akukho abasakutholile okuthinta ukuphuma kukaNkz Shinga esiShayamthetho, ngakho usengungqongqoshe ngokugcwele ngaphansi kukahulumeni wesifundazwe.

Umhlaziyi wezepolitiki uMnu Zakhele Ndlovu, ofundisa iPolitical Science, e-University of KwaZulu-Natal, uthe okwamanje amaphaphu phansi njengoba engaboni uNkz Shinga ephuma ngaphandle kokulwa. Uthe okwamanje kusazoyiswana ezinkantolo, okuzokwenza uNkz Shinga aqhubeke nokuba sesiShayamthetho nesikhundla sakhe sokuba ngungqongqoshe.

“Lokhu kungathatha isikhathi esingangonyaka kuya phezulu. Kangiboni uhulumeni uphazamiseka okwamanje,” kusho uNdlovu.

Uthe uma kwenzeka egcina ehluleka uNkz Shinga kuyona yonke imigudu yenkantolo, lokhu kungaholela ekutheni kubuse uhulumeni obizwa ngeMinority Governmet, ngaphansi kwakhe futhi uNtuli.

“Okungenzeka uma i-NFP igcina ihlangana neMK Party ne-EFF, kungaholela ekutheni bababele enkantolo ngenhloso yokuphoqa ukuthi kube nokhetho esifundazweni, njengoba kuzobe sekulinganwa ngokwezihlalo esiShayamthetho. Konke lokhu yinto engenzeka cishe ngemuva kweminyaka njengoba sazi ukuthi izinkantolo zakuleli ziyadonsa,” ephetha.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...