Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ube impumelelo oweMambazo wokugubha uKhisimusi

Ube impumelelo oweMambazo wokugubha uKhisimusi

by | 24 December 2025

UBE isasasa okwesithathu iminyaka ilandelana umcimbi waminyaka yonke weqembu lodumo iLadysmith Black Mambazo obizwa ngeChristmas with Ladysmith Black Mambazo obusebandleni i-CFCI Berea eThekwini ngoLwesibili.

Lo mcimbi wenzeka minyaka yonke ngomhla ka-23 kuZibandlela njengoba uyindlela yokujabulisa abalandeli baleli qembu ngaphambi kokugubha usuku lukaKhisimusi.

NgoLwesibili abathandi baleli qembu baphume ngobuningi ukuzojabula naleli qembu njengoba beliphelezelwa nguNqobile Ogle ongumculi owavundululeka ngaphansi kwesikhungo salo esingumahamba nendlwana iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy noJumbo ongumculi we-gospel othandwayo ngamanoni akhe odumo.

Abantu bakuthokozele ukubona laba baculi beshiyelana inkundla njengoba bejuxuze kwaze kwaba uyaphela umcimbi.

UXolani Majozi ophethe leli qembu uzwakalise ukujabula ngendlela abantu abaphume ngobuninga ngalo kulo mcimbi nangesasasa abalikhombisile ngalo.

Uthe ukubona abantu bejabulela lo mcimbi kuyabakhuthaza njengeqembu ukuthi baqhubeke bawenze minyaka yonke futhi baqhubeka nokumema abanye abaculi ukuzoshiyelana inkundla neMambazo.

IMambazo ingelinye lamaqembu aphumelele eNingizimu Afrika njengoba kuyilona lodwa eselike lahlabana nendondo yomhlaba emculweni iGrammy amahlandla aze aba mahlanu.

Leli qembu lisematheni kulezi zinsuku njengoba linenoni elidlala ubuthaphuthaphu emsakazweni elisihloko sithi You Make Me Happy elipike kulona abaculi okubalwa kubo uNduduzo Makhathini noMbuso Khoza.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...