Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ube impumelelo oweMambazo wokugubha uKhisimusi

Ube impumelelo oweMambazo wokugubha uKhisimusi

by | 24 December 2025

UBE isasasa okwesithathu iminyaka ilandelana umcimbi waminyaka yonke weqembu lodumo iLadysmith Black Mambazo obizwa ngeChristmas with Ladysmith Black Mambazo obusebandleni i-CFCI Berea eThekwini ngoLwesibili.

Lo mcimbi wenzeka minyaka yonke ngomhla ka-23 kuZibandlela njengoba uyindlela yokujabulisa abalandeli baleli qembu ngaphambi kokugubha usuku lukaKhisimusi.

NgoLwesibili abathandi baleli qembu baphume ngobuningi ukuzojabula naleli qembu njengoba beliphelezelwa nguNqobile Ogle ongumculi owavundululeka ngaphansi kwesikhungo salo esingumahamba nendlwana iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy noJumbo ongumculi we-gospel othandwayo ngamanoni akhe odumo.

Abantu bakuthokozele ukubona laba baculi beshiyelana inkundla njengoba bejuxuze kwaze kwaba uyaphela umcimbi.

UXolani Majozi ophethe leli qembu uzwakalise ukujabula ngendlela abantu abaphume ngobuninga ngalo kulo mcimbi nangesasasa abalikhombisile ngalo.

Uthe ukubona abantu bejabulela lo mcimbi kuyabakhuthaza njengeqembu ukuthi baqhubeke bawenze minyaka yonke futhi baqhubeka nokumema abanye abaculi ukuzoshiyelana inkundla neMambazo.

IMambazo ingelinye lamaqembu aphumelele eNingizimu Afrika njengoba kuyilona lodwa eselike lahlabana nendondo yomhlaba emculweni iGrammy amahlandla aze aba mahlanu.

Leli qembu lisematheni kulezi zinsuku njengoba linenoni elidlala ubuthaphuthaphu emsakazweni elisihloko sithi You Make Me Happy elipike kulona abaculi okubalwa kubo uNduduzo Makhathini noMbuso Khoza.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...