Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Masithekele nakwamanye amazwe ulwazi ukukhulisa umnotho wethu

Masithekele nakwamanye amazwe ulwazi ukukhulisa umnotho wethu

by | 10 September 2025

IZINDABA zokudilizwa kwezinkulungwane zezisebenzi ezinkampanini eziqavile kuleli, esikhathini esibi lapho kuvele kunezigidi ezingasebenzi, ziveza ukuthi imithetho kahulumeni yokulawula ukusebenza komnotho wezwe, isihlulekile, kufanele kwenziwe eminye imizamo ukutakula izwe.


Izinkampani esezimemezele izinhlelo zokudiliza izisebenzi muva nje, ngenxa yokuntenga komnotho, yinkampani eyakha insimbi i-ArcelorMittal, ezodiliza izisebenzi eziwu-3 500, yinkampani eyakha amathayi ezimoto iGoodyear, ezodiliza eziwu-900, neFord Motor Company, yona ezodiliza izisebenzi eziwu-474.

Lezi ngezimbalwa nje, njengoba kunezinye okubalwa izimayini, esezimemezele ukuthi nazo zizokwehlisa isibalo sezisebenzi ngenxa yobuthaka bomnotho. Okubuye kufake usawoti esilondeni, wukonakala kobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika, okuyizwe elinamandla kunawo wonke emhlabeni kwezomnotho. Kusobala ukuthi uhulumeni kaMengameli uDonald Trump, kawuliphiwe izwe lethu, ngenxa yokuchema kukahulumeni we-ANC isidana namazwe ayizitha zeMelika. Lokhu kusidalele isigcwagcwa kuTrump, osihlawulise ngokushaya umthetho othi, ezinye izimpahla iNingizimu Afrika ezidayisela iMelika, zikhokhiswe intela ka-30%, okulimaza izinkampani zakuleli.

Ukudilizwa kwezisebenzi, kwenzeka esikhathini lapho abantu abanga-phezu kuka-8 million, bengasebenzi. Sekuphele iminyaka ewu-15 sisemanzini; abaningi sebaze bakhohlwa ukuthi umnotho wezwe wagcina ukukhula ngendlela encomekayo kusaphethe uMengameli uThabo Mbeki.

Ngesikhathi sikaMzizi, nesikweletu sezwe sasingesikhulu kangako, njengoba namhlanje sishaqisa ngendlela yokuthi singadala ukhwantalala kulabo abakuqondayo ukuthi ukucwila ezikweletini kwezwe, kusho ukuthini ngekusasa lezwe lethu, nelezizukulwane. Ingwadla esibhekene nayo wukuthi i-ANC, okuyiqembu elikhulu kuhulumeni wenhlanganisela, ithi isazimisele ukuqhubeka nemithetho yayo elawula umnotho, noma sekuhlale obala ukuthi isifaka eweni.

Enye yezinkinga zethu, yimfundo etholwa yizingane zethu ezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme, osekuhlale obala wukuthi kayiziciji ngamakhono afanele, ahambisana nesimo somnotho, nokwenzeka kwamanye amazwe athuthukile. Kusukela ngesikhathi abampisholo bethola ilungelo lokuvotela uhulu-meni okokuqala, uKhongolose ubugxile ekukhuliseni isibalo sezingane ezinsundu ezikoleni nasemanyuvesi, okuyinto enhle. Okunye okwakufanele kwenziwe ngesikhathi esifanayo, wukushintsha i-curriculum, kuwo wonke amazinga emfundo, kukhuthazwe imfundo yamakhono ecija intsha ukuba ikwazi ukuzimela uma isiphothule izifundo zayo.

Emanyuvesi kwakufanele kufakwe imali kakhulu ezifundweni zezobuchwepheshe, ezidinga i-mathematics ne-science, sibukele emazweni ase-Asia, afana neChina, iJapan, iSouth Korea ne-India, ukubala ambalwa. La mazwe akwazi ukuthuthuka ngesivinini ngesikhathi esifushane, ngokutshala izishaqane zenkece emfundweni yezesayensi neyamakhono. Kufanele sithekele ulwazi kuwona la mazwe.

Okunye okufanele sikwenze, wukuba uhulumeni usebenzisane nezinkampani ezinkulu ezizimele, uxhase intsha ukuba izisungulele izinkampani zayo ezincane. Isibonelo esihle salokhu yiGermany, enenqwaba yezinkampani ezincane, ezinye okungezemindeni, ezisezingeni lomhlaba. Kufanele sifunde kumaJalimane.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...