Ilanga News
Home 9 Featured 9 Namakhosi mawayiqondise inkulumo, akhuze abawabiza ngoNdabezitha

Namakhosi mawayiqondise inkulumo, akhuze abawabiza ngoNdabezitha

by | 8 October 2025

YiSILO uZwelithini kaBhekuzulu, esibuze siyikhuza indaba yokubizwa kwamakhosi ngoNdabezitha.

MHLELI: Ngibonga uMntwana uNdabayakhe waseNjikini, oke wabhala engeseka entweni noMdlokombane owaze wabuza, eyikhuza. Lokho, wukubizwa kwamakhosi ngoNdabezitha.

NoMntwana uThulani waseZibindini ukukhuze bukhoma lokhu, phambi kwawo amaduna eNdlulamithi abebuthene KwaDukuza, eMkhosini weLembe muva nje. Kodwa ngibuye ngadumala kungakapheli nezinsuku ezintathu nje uMageba ekhulumile KwaDukuza, ngezwa enye intatheli yomsakazo waseKranskop, ibiza iNkosi S Mthembu yaseMsinga (ngoNdabezitha), emcimbini obuwenzelwe iNkosi uNgoza.

Kodwa-ke, asikholwe wukuthi njengoba sekukhulume abeNdlovu enamandla, bazozwa abantu, kungafani noma kukhononda mina ezingeni eliphansi. Kukhona la engasala khona enkulumweni kaMageba, khona KwaDukuza, angazi noma yimina engingamzwanga kahle uma ethi, uma inkosazana yakwaZulu isigane esibongweni simbe, uma ufika khona kumele ukhuleke ngokuthi Mageba, Ndabezitha!

Ukhuleke emzini womuntu ngesibongo sakomunye umuzi ngoba nakhu nje kugane inkosazane! Angizwa kahle. Manje la makhosazana agana ezinye izingonyama kuthiwani kuleyo mizi? Ngabe nakuyo kuyashintshwa, kukhulekwe ngesibongo senkosazane?

Ngisho njengoMntwana uJessica kaSolomon, owayendele iKumkani (iNgonyama) uNyangelizwe Ndamase Ahh Vulindlela! yamaMpondo aseNyandeni, noMntwana uNomusa kaBhekuzulu, owayendele kwiKumkani uMa-xhobayakhawuleza Sandile, Ahh Zanesizwe yamaXhosa akwaRharabe. Ngangithi okaNdaba uzothi sinye iSilo KwaZulu, njengoba sisinye vele, kodwa ngalahleka nxa ethi uMageba yinye iNkosi KwaZulu.

Laba-ke esibabiza ngamakhosi, bese sibabiza sithini uma inkosi isiyinye KwaZulu? Kodwa mhlawumbe okaNdaba, nanoma yimuphi usomlando owamuzwa uMageba esho lokhu KwaDukuza, uyonginika ulwazi oluthe thuthu, njengoba ngisho ngithi ngiyalahleka.

Nakho lokhu kokuthi iSilo sigagulwe ngegama angikuzwa kahle mina. Uma sekuthiwe iSilo samabandla onke, kusuke sekuqediwe, ngoba yinye iNgonyama KwaZulu. Ngibonga abaNtwana besizwe ngokuqondisa ukuthi ngobani oNdabezitha, siyakholwa wukuthi nawo amakhosi aseyokhuza uma ebizwa ngokungeyikho.

Ngigcine ngokubonga imisakazo emibili – iKhwezi FM noKhozi FM, ngokudlala ingoma ethi, Izibongo zikaShaka, emculweni wamakhwaya odlala kule misakazo ngempelasonto. Le ngoma yaqoshwa nguSolwazi uMzilikazi Khumalo.

Phila Mthethwa
eMpangeni

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...