Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ngeke alubhade kwiSona uZuma

Ngeke alubhade kwiSona uZuma

by | 6 February 2025

NGEKE alubhade kwi-nkulumo kammengameli ebheke esizweni i-State of the Nations Address (SONA) lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma.

Lokhu kuvezwe uMnu Mzwanele Manyi, owusotshwebhu weqembu lika-Zuma uMkhonto weSizwe Party (MKP) ephalamende ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphandle lease-City Hall eKapa lapho kulindeleke khona ukuba ummengameli uMnu Cyril Ramaphosa ethule khona inkulumo yakhe.

UManyi usole uhulumeni ngokuvalela ngaphandle uZuma njengoba bekwaziwa ukuthi kumele ayovela enkantolo namuhla.

“UZuma ngeke abe yingxenye ye-Sona ngoba bekwaziwa ukuthi kumele ayovela enkantolo namuhla.

Kungani beqoke osuku abazi kahle ukuthi kumele ayovela ngalo enkantolo? Bekuvele kuyicebo lokumvalela ngaphandle,” kusho uManyi.

Usole abaphathi bomthetho kuleli (judiciary) ngokuba nesandla ekuvaleleni uZuma ngaphandle.

Uthi kodwa ukuba ngabikho kukazuma ngeke kumlahlekisele ngalutho ngoba okuzoshiwo ummengameli kufana nento engekho.
“ISONA yangempela bekumele imemenyezelwe umholi we-MKP namuhla kodwa iphalamende lenqaba nendawo yokuthi akwenze lokho, yikho sesiyihlehlisele isonto elizayo,” esho.

Kwenzeka lokhu nje izolo uManyi no Somlomo wephalamende likazwelonke uThoko Didiza bamemezele ukuthi uZuma, uThabo Mbeki kanye noKgalema Motlanthe bazobe beyingxenye ye-SONA.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...