Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ngeke alubhade kwiSona uZuma

Ngeke alubhade kwiSona uZuma

by | 6 February 2025

NGEKE alubhade kwi-nkulumo kammengameli ebheke esizweni i-State of the Nations Address (SONA) lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma.

Lokhu kuvezwe uMnu Mzwanele Manyi, owusotshwebhu weqembu lika-Zuma uMkhonto weSizwe Party (MKP) ephalamende ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphandle lease-City Hall eKapa lapho kulindeleke khona ukuba ummengameli uMnu Cyril Ramaphosa ethule khona inkulumo yakhe.

UManyi usole uhulumeni ngokuvalela ngaphandle uZuma njengoba bekwaziwa ukuthi kumele ayovela enkantolo namuhla.

“UZuma ngeke abe yingxenye ye-Sona ngoba bekwaziwa ukuthi kumele ayovela enkantolo namuhla.

Kungani beqoke osuku abazi kahle ukuthi kumele ayovela ngalo enkantolo? Bekuvele kuyicebo lokumvalela ngaphandle,” kusho uManyi.

Usole abaphathi bomthetho kuleli (judiciary) ngokuba nesandla ekuvaleleni uZuma ngaphandle.

Uthi kodwa ukuba ngabikho kukazuma ngeke kumlahlekisele ngalutho ngoba okuzoshiwo ummengameli kufana nento engekho.
“ISONA yangempela bekumele imemenyezelwe umholi we-MKP namuhla kodwa iphalamende lenqaba nendawo yokuthi akwenze lokho, yikho sesiyihlehlisele isonto elizayo,” esho.

Kwenzeka lokhu nje izolo uManyi no Somlomo wephalamende likazwelonke uThoko Didiza bamemezele ukuthi uZuma, uThabo Mbeki kanye noKgalema Motlanthe bazobe beyingxenye ye-SONA.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...