Ilanga News
Home 9 Featured 9 Obengundunankulu kaZulu uzohlangana namakhosi

Obengundunankulu kaZulu uzohlangana namakhosi

by | 31 December 2024

UZOHLANGANA okokuqala namakhosi selokhu ekhishiwe esikhundleni sokuba ngundunankulu wesizwe samaZulu, uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi.

Kuzokhumbuleka ukuthi kakukabi zinsuku ezingaki kusabalale imibiko yokuthi Isilo uMisuzulu kaZwelithini, sesimkhiphile uButhelezi esikhundleni sokuba nguNdunankulu wesizwe.

NgoLwesihlanu, uButhelezi uzohlangana namakhosi akulesi sifundazwe, lapho kulindeleke ukuthi ezinye zento okuzobe kukhulunywa ngazo, kube wukukhishwa kwakhe esikhundleni.

Ngikwesitatimende esikhishwe yilo mnyango, kulo mhlangano kuzokhulunywa ngokukwazi ukuzimela ngokomnotho kwamakhosi, ukhetho lomkhandlu wobukhosi bendabuko kanjalo neqhaza okumele libanjwe ngamakhosi ekuthuthukisweni kwemihlaba yawo.

Umhlangano lona kuthiwa uzobanjelwa eSishayanthetho esidala oLundi.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...