Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umasipala waKwaDukuza unxenxa abatshalimali

Umasipala waKwaDukuza unxenxa abatshalimali

by | 16 December 2024

YIMEYA yaKwaDukuza, uMnu Ali Ngidi.

PHUMLANI GAMA

ISHAYE indesheni kosomabhizinisi bemikhakha eyahlukene ukuba bangawushalazeli umasipala wayo iMeya yaKwaDukuza, uMnu Ali Ngidi. UNgidi ube ehlangene nosomabhizinisi bemikhakha eyahlukene emahhovisi alo mkhandlu ngoMgqibelo.

Inhloso yalo mhlangano bekuwukubonisana ngamaqhinga amasha okufanele asentshenziswe ukuze kwakhiwe amathuba emisebenzi. Phakathi kwezinto abakhale ngazo osomabhizinisi, wukwanda kwezigameko zobugebengu ezindaweni abasebenzela kuzona.

Banxuse uMasipala waKwaDukuza ukuba wenze okuthile okwenzayo ukuzama ukuvikela amabhizinisi abo, ngaphandle kokubeka ithemba labo emaphoyiseni.

UNgidi uthe okukhulu kunabo bonke wukuba basondeze osomabhizinisi nalabo abanesifiso sokuziqalela awabo amabhizinisi. 

“Okunye esikubeke phambili wukuba siqinise umkhankaso wethu wokuba kugcinwe laba osomabhizinisi esesivele sinabo. Indlela yokubagcina wukuba senze isiqiniseko sokuthi bazithola zonke izidingo zabo.

“Bawusizo osomabhizinisi ngoba iningi labo liqashe abantu bendawo. Sizonxusa ukuba kumenywe nabanye osomabhizinisi. Sikhuthaza ukuthi labo asebenesipiliyoni bacathulise abasakhula,” kusho uNgidi. 

UMNU Vivian Reddy (okwesobunxele) ngomunye wosomabhizinisi abebeyingxenye yomhlangano nemeya yaKwaDukuza.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...