Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umasipala waKwaDukuza unxenxa abatshalimali

Umasipala waKwaDukuza unxenxa abatshalimali

by | 16 December 2024

YIMEYA yaKwaDukuza, uMnu Ali Ngidi.

PHUMLANI GAMA

ISHAYE indesheni kosomabhizinisi bemikhakha eyahlukene ukuba bangawushalazeli umasipala wayo iMeya yaKwaDukuza, uMnu Ali Ngidi. UNgidi ube ehlangene nosomabhizinisi bemikhakha eyahlukene emahhovisi alo mkhandlu ngoMgqibelo.

Inhloso yalo mhlangano bekuwukubonisana ngamaqhinga amasha okufanele asentshenziswe ukuze kwakhiwe amathuba emisebenzi. Phakathi kwezinto abakhale ngazo osomabhizinisi, wukwanda kwezigameko zobugebengu ezindaweni abasebenzela kuzona.

Banxuse uMasipala waKwaDukuza ukuba wenze okuthile okwenzayo ukuzama ukuvikela amabhizinisi abo, ngaphandle kokubeka ithemba labo emaphoyiseni.

UNgidi uthe okukhulu kunabo bonke wukuba basondeze osomabhizinisi nalabo abanesifiso sokuziqalela awabo amabhizinisi. 

“Okunye esikubeke phambili wukuba siqinise umkhankaso wethu wokuba kugcinwe laba osomabhizinisi esesivele sinabo. Indlela yokubagcina wukuba senze isiqiniseko sokuthi bazithola zonke izidingo zabo.

“Bawusizo osomabhizinisi ngoba iningi labo liqashe abantu bendawo. Sizonxusa ukuba kumenywe nabanye osomabhizinisi. Sikhuthaza ukuthi labo asebenesipiliyoni bacathulise abasakhula,” kusho uNgidi. 

UMNU Vivian Reddy (okwesobunxele) ngomunye wosomabhizinisi abebeyingxenye yomhlangano nemeya yaKwaDukuza.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...