Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uzilengisile umfundi ‘ophoxwe’ ngu-principal

Uzilengisile umfundi ‘ophoxwe’ ngu-principal

by | 6 August 2025

BEBESHO ukumudla luhlaza abafundi uthishanhloko wesinye sezikole zaseHillcrest, eThekwini, bedinwa wukufa kukazakwabo okuthiwa uzilengisile ngemuva kokuthethiswa yilo thishanhloko, maqede wamtshela ukuthi ngendlela angezwa ngayo, sekufanele umndeni wakhe umfake isiphandla senja.

Isidumbu sikaSabelo Shangase (14), obefunda uGrade 8 kulesi sikole, sitholakale silenga ngaphandle komuzi wakubo, ngezithuba zasekuseni ngoLwesithathu.

Kubikwa ukuthi udaba luqale ngoMsombuluko, ngesikhathi uthishanhloko enika abafundi umsebenzi wesikole obekufanele bawenze esikoleni. Kuthiwa umufi wenze okungeyikho lokho akunikwe nguthishanhloko.

Ngokusho komthombo waleli phephandaba ongaphakathi esikoleni, uthishanhloko udinwe, wayalela lo mfundi ukubuya nomzali ngoLwesibili.

“Umfundi ubuye ngoLwesibili engekho umzali. Konke lokho kumphathe kabi uthishanhloko. Akabuzanga ukuthi kungani engabuyanga nomzali lo mfundi. Ube eseqala lapho-ke ukumthethisa phambi kwabanye abafundi.

“Uthe indlela angezwa ngayo, sekufanele ukuthi umndeni wakhe umfake isiphandla sengcaca (inja). Kumphathe kabi lo mfundi lokho ngoba uthishanhloko ubemfuna into angenayo, okungabazali. Lo mfana ubehlala noninakhulu noyisemkhulu.

“Umkhulu wakhe akekho kubo ngenxa yokuthi ungumuntu ophuma engena esibhedlela ngenxa yokugula. Kuthe ngoLwesithathu, kwezwakala imibiko yokuthi umfana uzibulele ngokuzilengisa.

“Abafundi abebekhona, nabanye abafunda kwamanye amabanga, baqale lapho bathi ngeke kufundwe, uthishanhloko kufanele aphume aphele emagcekeni esikole ngoba bethi unolimi olubi kubafundi,” kusho umthombo.

ILANGA lizibonile izithombemnyakazo (videos) lapho khona ingxenye yabafundi ibizama ukuvikela uthishanhloko ngesikhathi iqulu labafundi lifuna ukuzibambela ngezandla kuyena, ‘lixoxe’ naye.

Kubuye kwabonakala namaphoyisa abezama ukudambisa isimo. NgoLwesine umbhikisho wabafundi ungenwe ngabazali, okugcine sekuholela ekutheni kuvalwe isikole.

Ekhuluma neLANGA uMnu Mxolisi Magubane ongumzali, uthe kabasamdingi lo thishanhloko.

“Kudala sizwa ukuthi le ndoda kayinalo ulimi oluhle uma ikhuluma nezingane zethu, kodwa singanaki. Thina sifike esikoleni ngoba sifuna asichazele ukuthi yena angasifaka yini isiphandla salesi silwane, njengoba ethi kufanele sifakwe yizingane zethu.

“Uma esinika impendulo yokuthi ngeke, kuyobe kuchaza ukuthi kufanele kubonakale ezakhe izingane zisifakile,” kusho uMagubane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, unxuse ukuba kuthintwe uzakwabo uLt-ColonelRobert Netshiunda, okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulile imibuzo athunyelelwe yona.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahambi usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe kunophenyo
maqondana naso, wadlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi.

“Siwutholile umbiko. Okubuhlungu wukuthi umfundi ushonile, okuzokwenza ukuthi kube nzima ukuphenya nokuthola izimpendulo ngokwenzekile ngoba umfundi useshonile.

“Okwamanje akukho esizokukhuluma phezu komfundi wethu, kodwa sizolinda ukuthi aqale abekwe endlini yakhe yokugcina, emuva kwalokho sizobe sesiqhubeka nophenyo lwethu,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...