Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ongqongqoshe baseKZN basayise isivumelwano sokusebenzisana

Ongqongqoshe baseKZN basayise isivumelwano sokusebenzisana

by | 21 October 2025

KULINDELEKE ukuba kuthele izithelo ezinhle ukusayinwa kwesivumelwano sokusebenzisana phakathi kweminyango emithathu eholwa ngongqongqoshe abehlukene KwaZulu-Natal.

Namuhla ngoLwesibili uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi oholwa nguMnu Martin Meyer, owezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi oholwa nguNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa nowezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo, oholwa nguMfu Musa Zondi, basayine isivumelwano sokusebenza ngokubambisana ezingxenyeni ezinkulu zokusebenza kwabo kwansuku-zonke.

Abaholi bale miyango bahlangane eCoastlands Hotel eThekwini. Ngaphambi kokusayina, kuqale ngokuthi uMeyer amemezele ukuthi kunamapulazi awu-11 azonikezelwa kule minyango ngenhloso yokuba asentshenziswe ukuze kuthuthukiswe imiphakathi ehlala eduze kwayo.

Iningi lalawa mapulazi lingaphansi kwesiFunda uMzinyathi. Ukusayinwa kwalesi sivumelwano kuzokwenza ukuthi umphakathi ukwazi ukusebenza umhlaba, futhi kube lula ukuthola izinsiza zikahulumeni.

UMeyer uthe banethemba lokuthi kuzothela izithelo ezinhle ukusayinwa kwalesi sivumelwano.

“Thina siphethe umhlaba nezakhiwo. Umnyango wezoLimo uphethe izinsiza-kusebenza ezidingwa ngabantu. Umnyango wezokuThuthukiswa koMnotho wona uphethe imali nezidingo okufanele zisentshenziselwe ukuthuthukisa imiphakathi,” kusho uMeyer.

UNkk Madlopha-Mthethwa uthe okukhulu kakhulu wukuthi babheke kakhulu umhlaba osezindaweni zasemakhaya.

“Kuyinto eyaziwayo ukuthi umhlaba osezindaweni zamakhosi kawuthengiswa futhi kuyicala ukuwuthengisa ngoba ungaphansi kweNgonyama Trust. Okwethu sizogada ukuthi ukuthi kabekho yini abathola ithuba lokugila imikhuba emuva kokuba sekubuyiswe la mapulazi. Sizibophezele ekutheni kufanele siwuthuthukise umhlaba esivumelene ukuthi sizowusebenza ndawonye,”kusho uMadlopha-Mthethwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...