Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMchunu uthi akumqwashisi okuvela kwiKhomishini kaMadlanga

UMchunu uthi akumqwashisi okuvela kwiKhomishini kaMadlanga

by | 7 October 2025

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu (osesithombeni), uthi akakhathazekile ngokuvela kwegama lakhe kwiKhomishini kaMadlanga, ephenya ngokugxambukela kwepolitiki engalweni yomthetho.

Ngokubika kweTimesLive, uMchunu uveze lokhu ngesikhathi kunesifundo somakadebona be-ANC, uMnu Simon Msweli noMnu Mike Mthethwa esifundeni saleli iqembu iMusa Dladla, KwaZulu-Natal ngoMgqibelo. Kubikwa ukuthi ukubeke kwacaca ukuthi usekulungele ukwe-thula ubufakazi kule khomishini.

Uveze ukuthi uyolithokozela ithuba lokuvela kule khomishini ukuze aveze uhlangothi lwakhe. Uthe akathukile futhi akakhathazekile nakancane ngezinsolo abhecwa ngazo.

UMengameli Cyril Ramaphosa waqoka ukummisa uMchunu esikhundleni ngemuva kwesigcawu sabezindaba esasibizwe nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi. Kulesi sigcawu, uMkhwanazi waneka amahlazo enzeka ngaphakathi emaphoyiseni, okukhona kuwona imiyalelo yokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya ngokubulala okuhlobene nepolitiki KwaZulu-Natal.

Wasola uMchunu ngokuba no-budlelwano nalabo abaqhuba ubugebengu obuhleliwe, abasebengene bagamanxa emaphoyiseni. Bonke ofakazi asebeke bavela kule khomishini, okubalwa kubo uMkhwanazi, nguMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola nenhloko yobunhloli emaphoyiseni uLt-Gen Dumisani Khumalo, bakhomba uMchunu ngokugxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa.

NgoMgqibelo, uMchunu ubethula isifundo ngoMsweli noMthethwa ababulawa ngamaphoyisa KwaSokhulu, ngaphandle kwaseRichards Bay ngo-1992, emuva kokuvela wezinsolo zokuthi badubula indiza yezabokuphepha, enophephela emhlane.

Ubuye wavakashela nomndeni wakwaMthethwa KwesaKwaMthe-thwa, KwaMbonambi, eMpangeni, njengoba usemanzini emuva kokudlula emhlabeni kukaMnu Nathi Mthethwa obeyinxusa laseNingizimu Afrika, eFrance. UMthethwa ushone ngeledlule esigamekweni esishaqise abaningi, njengoba kunezinsolo ezithi uziphonse esitezi sesi-22, ebhilidini lehhotela iHyatt, eParis.

UMchunu uthe okwenzeke kuMthethwa bebengakulindele. Uthe wasebenza kahle noMthethwa ngesikhathi bengabaholi esifundeni se-ANC iMusa Dladla ngeminyaka yama-90. UMthethwa ubeseyinxusa nje, uke waba ngungqongqoshe eminyangweni eyahlukene okukhona kuyona owamaphoyisa, owezemi-dlalo, ezobuciko namasiko.

Uzokhumbuleka nangomsindo owasuka ngo-2022, umnyango wakhe ufuna ukugxumeka ifulegi lika-R22 million eFreedom Park, ePretoria.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...