Ilanga News
Home 9 Featured 9 Osomabhizinisi abancane bangenza umehluko omkhulu emnothweni

Osomabhizinisi abancane bangenza umehluko omkhulu emnothweni

by | 5 November 2024

SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA

UHULUMENI wethu unezinhlelo ezisezingeni eliphezulu zokuqoqa intela kosomabhizinisi eNingizimu Afrika, kodwa okudidayo wukuthi kawubonakali usiza osomabhizinisi abancane ekwenzeni imali ukuze uthole intela. Ufana nomuntu okulinda uyozingela, bese ekuphuca inyamazane. 

Kumele izinhlelo zokuqoqa intela zibe nendlela yokulekelela ekwenzeni leyo mali. Into ebuhlungu wukubona oqhibukhowe bamabhizinisi babantu bangaphandle bethe chithi saka eNingizimu Afrika. La ma-bhizinisi kawakhokhi ntela kuhulumeni. Umuntu waseNingizimu Afrika uma eke wavula ibhizinisi, umqoqi wentela umhlala entanyeni, angakwazi nokuphefumula. 

Ngibona sengathi kunezinhlelo zokuqeda amabhizinisi abansundu bakuleli. Amabhizinisi abansundu ayegcwele yonke indawo ezindaweni zabo, njengamanje lbaqashise ngawo. Kwesinye isikhathi abantu bangaphandle basolwa ngokusidayisela izinto ezinobungozi, futhi bangayikhokhi ntela. Iningi imali ephumela ngaphandle kwakuleli, engabe isiza abantu bakithi. Uma uya emadolobheni, ubona abantu bangaphandle bethe chithi saka, sithenga kubo. Abekho abantu abansundu abanamabhizinisi emadolobheni, uma bekhona yileyo mithonselana. Ungafunga ukuthi siyizihambi ezweni lethu.

Kanti thina sowathola nini amathuba ezweni lethu? Uma uya kwamanye amazwe, ngeke ubone abantu bangaphandle kuyibo abalawula umnotho wamabhizinisi. Le nto yenzeka lapha kwelakithi kuphela. Ingabe abaholi bethu bayaqonda ukuthi siphumaphi? Uma beqonda, yini abayenzayo? Ngibona sengathi nabo bafaka usawoti esilondeni esivele sibhibha. 

Sasicindezelwe wubandlululo, manje sicindezelwe ngabantu esababeka ezikhundleni, abangasicabangeli. Bonke ohulumeni basekhaya banophiko oluthuthukisa osomabhizinisi basekhaya (Local Economic Development), kodwa kalubonakali usizo abalunika osomabhi-zinisi abancane. Into nje abakwazi ukuyenza, wukuqoqa imininingwane yalabo somabhizinisi bayibeke, ngalokho bazibona sebewathuthukisile amabhizinisi amancane. 

Uma kungenjalo, kungenzeka ukuthi ohulumeni basekhaya kabakuboni ukubaluleka kosomabhizinisi abancane.  Mhlawumbe into engasiza ukuthuthukisa lab’ osomabhizinisi, wukuthi uhulumeni kazwelonke ushaye umthetho wokuthi isamba esithile masabelwe (ring-fence) osomabhizinisi abancane, futhi kulandeleke ukuthi leyo mali yenze okufanele yini. 

Osomabhizinisi abancane yibona abasondelene nabantu, yibona ababona izidingo zabantu futhi yibona abathuthukisa izindawo zabo. Into ebuhlungu kakhulu wukuthi abantu bangaphandle baqasha izindawo zabantu, benze kuzo amabhizinisi. Abanye bacela indawo yokubeka izindawo zokudayisela ezindaweni zabo. Uhulumeni ungasiza kakhulu ekuthengeleni abantu izindawo zokusebenzela njengeziqukathi zokusebenzela (containers) ezigcwele zonke izindawo, kodwa ezingezabantu bangaphandle. 

Izisebenzi zikahulumeni zingasiza ngokubeluleka ukuthi aphathwa kanjani amabhizinisi, nokuthi bangahlomula kanjani uma bethenga beyidlanzana. Lokhu kungasiza ukubuyisela umnotho ebantwini bakuleli.

Osomabhizinisi bakithi badinga ukufundiswa ukuthi ukusebenza ndawonye kungenza bahlomule kangcono kunokuthi umuntu asebenze ngayedwana. Kumele ba-fundiswe ukuthi ibhizinisi lingumuntu ozimele, kumele lihlukaniswe nomnikazi walo. Umnikazi usebenza kulo, kumele ahole kulo uma selikwazi ukumholela. Uma kukhona akufunayo ebhizinisini, kumele athenge njengabo bonke abantu. Kuningi okumele kufundiswe abantu bakithi ngokuphathwa kwamabhizinisi. 

Osomabhizinisi abancane bangenza umehluko emnothweni waseNingizimu Afrika, kodwa badinga uhulumeni okuqondayo ukubaluleka kwabo emno-thweni wezwe.

• UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana    

Uneziqu ze: Masters in Governance and Political 

Transformation

Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: 

Community Partnership and Moral  Regeneration

Ungumbhali wencwadi ethi: “Talking to yourself, the 

journey to self-discovery‚” 

Utholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com  

0665445466 Ucingo / WhatsApp

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...