UKHIHLE isililo owesilisa owathelwa nge-acid ngowayeyisinqandamathe sakhe sishwa ngoswazi oluncane ngecala lokuzama ukumbulala. ULethiwe Mthimkhulu owathela uMnu Phakamani Sibiya nge-acid, ugwetshwe iminyaka ewu-10 ebhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokuzama ukubulala kanye nelokweba. UMthimkhulu ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseVerulam izolo ngalawa macala. Izolo inkantolo ibigcwele ichichima amalungu omndeni kaSibiya kanye nakaMthimkhulu abefuna ukuzozizwela isphetho ngalolu daba.
Okufike kwacaca emuva kokuphuma kwesigwebo wukunganeliseki kukaMnu Sibiya ngesigwebo njengoba evele wakhihla isililo khona enkantolo nokwenze kwacaca ukuthi akanelisekile ngesigwebo esitholwe uMthimkhulu.
Lesi sigameko senzeke eMagwaveni, oThongathi lapho uMthimkhulu anikeza uMnu Sibiya i-acid, wamtshela ukuthi isiwasho okumele achathe ngaso. Ngemuva kokuba esechathile ngaso, wabuye wamthela ngaso esehlangene nomunye wesilisa yena owangcina engaboshwanga.
Izolo enkantolo kuqale kwagibela ebhokisini uNkz Thobile Skhakhane ongusonhlalakahle obesebenza udaba lwalaba bobabili kusukela uMthimkhulu alahlwa yicala. Usonhlalakahle uveze ukuthi waba nengxoxo izikhawu ezimbili noMthimkhulu kanti waphinde wakhuluma nomngani wakhe ongathandanga ukudalulwa owaveza ukuthi wayeke ayibone imivimbo kuMthimkhulu kwazise wayeveze ukuthi wayehlukunyezwa nguMnu Sibiya.
Yize kunjalo usonhlalakahle uthi ngokubheka ubucayi becala nesimo sakhe uMnu Sibiya, emuva kokuthelwa nge-acid, uphakamise ukuthi inkantolo ibone isigwebo engamunika sona esingenza avuseleleke isimilo.
UMmeli kaMthimkhulu, uMnu Denver Ready uncengele ikilayenti lakhe ngokuthi inkantolo ilizwele ngoba linezingane ezimbili, eneminyaka ewu-8 nenonyaka owodwa. Uthe lena encane isancela kanti endala inesimo esingajwayelekile njengoba ingakhulumi.
Uthe isimo sayo sibi ngalendlela yokuthi ize yakhishwa esikoleni ebifunda kusona. Uphinde wathi ikilayenti lakhe kalisebenzi futhi linesifo senhliziyo ngakho ucela inkantolo ukuba ilizwele. Uveze ukuthi wanikeza uMthimkhulu ithuba lokugibela ebhokisini ukuba achaze ngesimo sakhe noMnu Sibiya. Esesebhokisini, uMthimkhulu, uxolisile kuMnu Sibiya wathi uyafisa ukuba amukele noma ngayiphi indlela ukukhombisa ukuzisola kwakhe. Ebuzwa ngummeli wakhe ukuthi basaxhumana yini noMnu Sibiya, uthe basaxhumana ngoWhatsApp. UMnu Ntuthuko Magadi omgumshushisi, uthe akulona iqiniso ukuthi uyazisola uMthimkhulu.
Uthe ukuvuma kwakhe isigameko ukwenze emuva kokubona ukuthi uvaleleka ekhoneni ngobufakazi obebuvela enkantolo. Wathi ukuya kwakhe ejele ngeke kube namthelela ngoba vele akasebenzi kanti wondliwa ngunina nezingane zakhe. Uthe ugogo uzoqhubeka nokuzinakekela izingane uma eya ejele. Uthe naye uMnu Sibiya unengane okumanje ithwele kanzima njengoba engasasebenzi kulandela ukulinyazwa nguyena uMthimkhulu futhi kakukho lapho ekhombise khona ukuzisola.
UMnu Sanele Hlatshwayo oyiMantshi kuleli cala, uthe inkantolo isalelwe wumsebenzi onzima wokukhipha isigwebo. Uthe inkantolo uma ikhipha isigwebo kumele ibheke okuthathu, isimo sikammangalelwa, umphakathi olindele ukuba ithumele umyalezo kanye nesimo sikamgilwa. Uthe uMthimkhulu akazange akhombise ukuthembeka ngesikhathi kuqhubeka icala ngoba ngosuku lwesigameko waveza ukuthi uMnu Sibiya wamshaya, yingakho ambhunyela nge-acid. Uthe inkantolo iyahluleka ukukukholwa lokhu ngoba ebufakazini obuphambi kwayo buveza ukuthi uMnu Sibiya waqale wachatha ngale acid ngoba etshelwe ukuthi isiwasho. Ithe kuyaxaka ukuthi wamshaya ngasiphi isikhathi uMthimkhulu.
Imantshi iveze ukuthi uMthimkhulu wakuhlela lokhu, inhloso yakhe kwakungukumbulala ngoba nangesikhathi esesha ekhala, akamphuthumisanga esibhedlela kunalokho wazama izikhawu ezintathu ukumbulala esehlangene nowesilisa owagcina engaboshwanga.
UMnu Mduduzi Mtshali okhulumela uMnu Sibiya uthe kabaneme ngesigwebo. “Siyakwamukela okushiwo yinkantolo kodwa kaseneme neze. UMnu Sibiya akakwazi ngisho ukukhuluma kumanje ngoba ephatheke kabi. Le ntombazane kayizisoli neze. Le nto isikhombisa ngokusobala ukuthi umthetho uyathamba uma kuza ngakumuntu wesilisa owenzekisiwe” kusho yena