Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Owakuleliubengasazethembi ehlula owase-Ethiopia

Owakuleliubengasazethembi ehlula owase-Ethiopia

by | 27 August 2025

NGU-AKLILU Asfaw noKabelo Mulaudzi beshaya intambo.
ISITHOMBE NGU: TOBIAS GINSBERG

UBENGATHEMBI ukuthi nguyena ngempela onqobe i-Absa Run Your City Tshwane 10k uKabelo Mulaudzi (27), oshaye intambo ebhincwe kanzima ngu-Aklilu Asfaw wase-Ethiopia, njengoba befike umkanye entanjeni kulo mjaho obungeSonto ekuseni eTshwane.

Bobabili laba basubathi baqede ngesikhathi esiwu-29:00 kulo mjaho obewungenelwe ngabagijimi abawu-10 000, abasukele phambi kwasezindlini zombuso, i-Union Buildings. Nakwabesifazane isicoco sisale eNingizimu Afrika kunqoba uGlenrose Xaba ngo-31:50.

Bekuqala emlandweni we-Absa Run Your City ukuthi abagijimi bafike umkanye entanjeni njengoba kwenzeke kuMulaudzi no-Asfaw, obewugijima okokuqala lo mjaho.

Ekhuluma emuva komjaho uMulaudzi, uthe: “Ngesikhathi ngiqeda umjaho, bengingenaso isiqiniseko sokuthi ngubani onqobile. Ngiqale ukushaywa wuvalo uma sengiqala ukuvulela ngesivinini sokugcina ngoba ubelokhu ephefumula eduze kwami (u-As-faw).

“Ngijabule ukunqoba ngoba nomndeni wami bewukhona ukuzobuka umjaho.”

Ngokunqoba kwabo, uMulaudzi noGlenrose – bobabili abagijimela iBoxer Athletics Club – bahlomule ngo-R30 000.

Ingxenye imiphumela ye-Absa Run Your City Tshwane 10k imi kanje, kwabesilisa: 1.Kabelo Mulaudzi (SA) 29:00, 2.Aklilu Asfaw (Ethiopia) 29:00, 3.Abdilmejid Mohammed (Ethiopia) 29:10, 4.Joseph Seutloali (Lesotho) 29:13, 5.Simon Sibeko (SA) 29:19, 6.Bennett Seloyi (SA) 29:22, 7.Pakiso Mthembu (SA) 29:32, 8.Namakoe Nkhasi (Lesotho) 29:37, 9.Chris Mhlanga (SA) 29:50, 10.Joel Mmone (SA) 29:55.
Kwabesifazane: 1.Glenrose Xaba (SA) 31:50, 2.Rebecca Mwangi (Kenya) 32:41, 3.Selam Gebre (Ethiopia) 33:05, 4.Karabo Mailula (SA) 33:40, 5.Irvette Van Zyl (SA) 33:41, 6.Karabo More (SA) 34:03, 7.Cacisile Sosibo (SA) 34:37, 8.Carina Swiegers (SA) 35:15, 9.Zanthe Taljaard (SA) 35:24, 10.Florence Nyaingiri (Kenya) 35:30.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...