LUCKY CAIN
USOLE i-DA ngobuwula nokungayiqondi indlela yokusebenza kuMasipala weTheku uMnu Themba Mvubu (osesithombeni) we-EFF, obuyiselwe esikhundleni sokuba ngusihlalo wekomidi lokwakha nokuvuselelwa kwengqalasizinda kulo masipala. UMvubu uqokwe ngeledlule emhlanganweni womkhandlu emuva kokuba iDA ihlulekile wukuphakamisa igama lokumele aqhoqhobale lesi sikhundla.
ILANGA libikile ukuthi lokhu kudalwe yizinkinga zangaphakathi kwiDA. Ngemuva kokuqokwa kukaMvubu, iDA isole i-ANC namaqembu avote nayo. Ibize uMvubu ngesehluleki kwazise uke wasiqhoqhobala lesi sikhundla phambilini, kodwa wakhishwa ngenxa yokuphela kobudlelwano phakathi kwe-ANC ne-EFF.
Ekhuluma neLANGA uMvubu, uthe kuwubuwula ukuthi iDA imbize ngesehluleki ekubeni okokuqala, waqhoqhobala lesi sikhundla izinyanga eziwu-10 nje kuphela. “Izinkinga zikaMasipala weTheku, ikakhulukazi zengqalasizinda kaziqalanga ngezikhukhula (zango-April 2022), zisuka eminyakeni ewu-10 edlule, ngakho-ke kungaba wubuwula ukuthi kulindeleke ukuthi kulungiswe izinkinga ezisuka kude kanje ngezinyanga eziwu-10,” kusho uMvubu. Uthe vele akalindele ukuthi kube khona okuhle okushiwo yiDA ngaye ngoba ipolitiki yayo ikhombisa ukungaqondi ukusebenza kukamasipala. “Uhlelo lokukhipha ithenda kumasipala kuthatha cishe izinyanga eziwu-6 ukuqinisekisa ukuthi yonke imigudu efanele iyalandelwa,” kusho yena.
Uqhube ngokuthi njengoba esekhuza ibuya kulesi sikhundla, kuningi asekuqonda ngaleli komidi futhi useyazazi nezingqinamba okumele azisukule. Uqinise idolo izakhamizi zaseThekwini, wathi uzoqinisekisa ukuthi izidingongqangi ngaphansi kwengqalasizinda ziyalungisa futhi kuyabonakala ukusebenza kwekomidi. Ucacise nokuthi ukubambisana ne-ANC ngokuhola leli komidi, akusho ukuthi sebeyadlelana noma bakuhulumeni wokubambisana. “Sisazoqhubeka nokuthi sibe yiqembu ngokuzimela futhi siphikise lapho singaboni kufanele khona futhi sivumelane lapho sibona ngasolinye khona,” kusho uMvubu.