Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ushode ngosaziwayo umcimbi wamahhashi nemfashini i-WSB Cape Town Met

Ushode ngosaziwayo umcimbi wamahhashi nemfashini i-WSB Cape Town Met

by | 27 January 2025

USHODE ngosaziwayo umcimbi waminyaka yonke wamahhashi nemafashini osubizwa ngeWorld Sport Betting Cape Town Met obuseKenilworth Racecourse eKapa ngoMgqibelo.

Lo mcimbi oke waba nedumela eminyakeni eyedlule ukhombise ukwehlelwa yizinga kulo nyaka njengoba bebeyidlanzana abebewuhambele uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule.

Nakuba ubungenalo isasasa kulo nyaka kodwa abasiki bengqephu bakwazile ukuveza ikhono labo ngemisiko yabo esezingeni njengoba bekukhangisa labo abanegama kulo mkhakha.

Phakathi kwabasiki bengqephu abebekhona kubalwa inkakha uGavin Rajah, Thula Sindi, Masango By Siphesihle, Imprint, Sipho Mbuto, Ramo Jozsy, Fikile Sokhulu, Cindy Bam nabanye.

Phakathi kwedlanzana losaziwayo ababonakale kulo mcimbi kubalwa uNomuzi Mabena, Khosi Twala, Sive Ngesi, Maps Maponyane, Pamela Mtanga, Moshe Ndiki, Gugu Khathi nabanye.

Lo mcimbi obugabe ngokuxuba izinhlanga ezahlukene zabantu uphothulwe ngomcimbi osezingeni lapho kunandise khona uZakes Bantwini, DJ Zinhle nabanye.

UThula Sindi uncome izihambeli zalo mcimbi ngokuhlonipha ingqikithi yawo yeCouture Unleashed.

Uthe njengomsiki wengqephu kuyamthokozisa ukubona abantu behlonipha le ngqikithi njengoba kusho khona ukuthi bayayiqonda ukuthi isho ukuthini kubona.

Uthe ngokwakhe ingqikithi yalo nyaka isho ukuthi ukuveza umzimba ngendlela ehloniphekile bese uyiphelezela ngomhelana osezingeni.

Lo mcimbi wenzeka minyaka yonke njengoba phambilini wabe ubizwa ngeJ&B Met ngemuva kwalokho wabizwa ngeSun Met njengoba kulo nyaka usubikwa nge-WSB Cape Town Met.

Phambilini ubuvamise ukugaba ngosaziwayo abahlukene futhi unesasasa eliphezulu njengoba ubalwa neminye yemijaho yamahhashi ohambisana nemfashini omukhulu kuleli kwazise omunye ofuze wona iHollywoodbets Durban July wona owenzeka eThekwini ngempelasonto yokuqala kuNtulikazi.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...