Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owe-IDAC uyaqhubeka nokwethula ubufakazi kwekaMadlanga

Owe-IDAC uyaqhubeka nokwethula ubufakazi kwekaMadlanga

by | 22 July 2026

INHLOKO yoPhiko lokuphenywa kwamacala enkohlakalo i-Investigating Directorate Corruption (IDAC), u-Andrea Johnson ubuyela kwiMadlanga Commission of enquiry namahlanje.

Ebufakazini bakhe bayizolo ukuchithile ukuthi kunedokodo lokushaywa komuntu alinika uJenene Feroz Khan oyiPhini leCrime Intelligence.

Uthe umi eqinisweni lokuthi akafuni ukugcina esethula ubufakazi obuzomcindezela kwiKhomishini kaMadlanga.
Uthe naye uvikelwe wumthetho ukuthi angagcini esezibophisa ngenxa yokuthi ikhomishini ifuna iqiniso.

UJohnson uphinde wachitha izinsolo zoMkhuzi wamaPhoyisa wakwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi ezithi uphiko lwakhe lulandela inhloko yeCrime Intelligence uLt General Dumisani Khumalo ukuze lumdidise ekuphenyeni amacala abucayi awaphenyayo.

Uphinde wakuchitha ukuthi uLt-General Khumalo uboshwe ngoba uyena ohola uphiko lokubulawa kosopolitiki iPolitical Killings Task Team (PKTT).

Uthe ihhovisi lakhe lalingazi nokuthi uLt-General Khumalo uyena ohola uphiko lwePKTT ngesikhathi liphenya icala lenkohlakalo elibhekene naye.

Uthe ngalolu phenyo kwakungaqondiwe ukuphazamisa uphenyo lukaKhumalo.

Uthe ihhovisi lakhe awukho umthetho elawuphula ngokuphenya uKhumalo nezinye izikhulu eziphezulu zeCrime Intelligence.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...