Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owe-IDAC uyaqhubeka nokwethula ubufakazi kwekaMadlanga

Owe-IDAC uyaqhubeka nokwethula ubufakazi kwekaMadlanga

by | 22 July 2026

INHLOKO yoPhiko lokuphenywa kwamacala enkohlakalo i-Investigating Directorate Corruption (IDAC), u-Andrea Johnson ubuyela kwiMadlanga Commission of enquiry namahlanje.

Ebufakazini bakhe bayizolo ukuchithile ukuthi kunedokodo lokushaywa komuntu alinika uJenene Feroz Khan oyiPhini leCrime Intelligence.

Uthe umi eqinisweni lokuthi akafuni ukugcina esethula ubufakazi obuzomcindezela kwiKhomishini kaMadlanga.
Uthe naye uvikelwe wumthetho ukuthi angagcini esezibophisa ngenxa yokuthi ikhomishini ifuna iqiniso.

UJohnson uphinde wachitha izinsolo zoMkhuzi wamaPhoyisa wakwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi ezithi uphiko lwakhe lulandela inhloko yeCrime Intelligence uLt General Dumisani Khumalo ukuze lumdidise ekuphenyeni amacala abucayi awaphenyayo.

Uphinde wakuchitha ukuthi uLt-General Khumalo uboshwe ngoba uyena ohola uphiko lokubulawa kosopolitiki iPolitical Killings Task Team (PKTT).

Uthe ihhovisi lakhe lalingazi nokuthi uLt-General Khumalo uyena ohola uphiko lwePKTT ngesikhathi liphenya icala lenkohlakalo elibhekene naye.

Uthe ngalolu phenyo kwakungaqondiwe ukuphazamisa uphenyo lukaKhumalo.

Uthe ihhovisi lakhe awukho umthetho elawuphula ngokuphenya uKhumalo nezinye izikhulu eziphezulu zeCrime Intelligence.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...