Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owe-IFP ukhala ‘ngokuncishwa’ kothisha amalungelo ngezinkinga ezingaxazululiwe

Owe-IFP ukhala ‘ngokuncishwa’ kothisha amalungelo ngezinkinga ezingaxazululiwe

by | 14 February 2025

UKHOLWA ukuthi izinkinga ezingaxazululiwe “nokuncishwa” kothisha amalungelo kunomthelela emiphumeleni kamatikuletsheni uMnu Sanele Zondo, oyilungu lephalamende elibhekele ezemfundo eqenjini i-IFP.

UZondi uveze lokhu namuhla ngesikhathi ethula inkulumo yosuku emcimbini wokuklonyeliswa kawabafundi abenze kahle kwimiphumela yabo ka-matikuletsheni abangaphansi kukaMasipala wesiFunda uThukela, obanjelwe eLadysmith Indoor Sports Centre, eMnambithi.

Kuwo lomcimbi kuphinde kwahlonishwa namaciko adabuka ezindaweni ezakhele lesi sifunda.

UZondo uthi ukholwa ukuthi akangabazi ukuthi ukube izinkinga ezifana nokulungiswa kwengqalasizinda ezikoleni, inkinga yokuhanjiswa kokudla, ukushoda kwezincwadi nokunye ngabe imiphumela kamatikuletsheni mihle ngokwedlulele.

“Ngikholwa nawukuthi abafundi banikezwe amalungelo amaningi njengoba sesibona nezigameko eziningi lapho abafundi bebambana ngezandla nothisha. Nalokho kukodwa kunawo umthelela njengoba othisha begcina bengafundisi ngendlela efanele,” esho.

UZondo uthi ukholwa ukuthi uma uhulumeni engalungisa lezi zinkinga imiphumela yezwa ingaba mihle kakhulu.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...