Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owe-IFP ukhala ‘ngokuncishwa’ kothisha amalungelo ngezinkinga ezingaxazululiwe

Owe-IFP ukhala ‘ngokuncishwa’ kothisha amalungelo ngezinkinga ezingaxazululiwe

by | 14 February 2025

UKHOLWA ukuthi izinkinga ezingaxazululiwe “nokuncishwa” kothisha amalungelo kunomthelela emiphumeleni kamatikuletsheni uMnu Sanele Zondo, oyilungu lephalamende elibhekele ezemfundo eqenjini i-IFP.

UZondi uveze lokhu namuhla ngesikhathi ethula inkulumo yosuku emcimbini wokuklonyeliswa kawabafundi abenze kahle kwimiphumela yabo ka-matikuletsheni abangaphansi kukaMasipala wesiFunda uThukela, obanjelwe eLadysmith Indoor Sports Centre, eMnambithi.

Kuwo lomcimbi kuphinde kwahlonishwa namaciko adabuka ezindaweni ezakhele lesi sifunda.

UZondo uthi ukholwa ukuthi akangabazi ukuthi ukube izinkinga ezifana nokulungiswa kwengqalasizinda ezikoleni, inkinga yokuhanjiswa kokudla, ukushoda kwezincwadi nokunye ngabe imiphumela kamatikuletsheni mihle ngokwedlulele.

“Ngikholwa nawukuthi abafundi banikezwe amalungelo amaningi njengoba sesibona nezigameko eziningi lapho abafundi bebambana ngezandla nothisha. Nalokho kukodwa kunawo umthelela njengoba othisha begcina bengafundisi ngendlela efanele,” esho.

UZondo uthi ukholwa ukuthi uma uhulumeni engalungisa lezi zinkinga imiphumela yezwa ingaba mihle kakhulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...