Ilanga News
Home 9 Ezemali Featured 9 OweDowns ukhale ngamathuba abawayekile eKapa

OweDowns ukhale ngamathuba abawayekile eKapa

by | 19 December 2024

UBETHWELE uthayela kunomoya u-Enyinnaya Kazie weStellenbosch FC, ebuya amagemugemu emapalini abo u-Iqraam Rayners weMamelodi Sundowns eCape Town Stadium, ngomhla ka-18 kuZibandlela. | Wilkisky/BackpagePix

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ubalise ngamathuba abawayekile bedla ngo-1-0 iStellenbosch FC koweBetway Premiership eDHL Stadium eKapa izolo ngoLwesithathu ebusuku.

Igoli leDowns livalelwe enethini ngu-Igraam Rayners, oyijoyine ngaphambi kokuqala kwesizini, esuka kuyona iStellies.

“Ngicabanga ukuthi bekumele ziye ekhefini sihamba phambili ngamagoli amabili nangaphezulu. Sakhe inqwaba yamathuba alula obekumele siwasebenzise. Kodwa-ke okubalilekile wukuthi sikwazile ukuvala emuva. Bekubalulekile ukunqoba lo mdlalo,” esho.

Uncome indlela abadlali abazinikela ngayo ukusebenzela ikilabhu, nendlela abasibambe ngayo isitayela sakhe, ikakhulu laba abebengalitholi kakhulu ijezi phambilini.

Umqeqeshi weStellies uSteve Barker uvumile ukuthi ezakhe bezihubha izithunzi ngesiwombe sokuqala, wathi kodwa bekumele balithole igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili.

“Abadlali esibafakile basisizile, sakwazi ukuthwala umdlalo. Bese sibacindezela, kodwa unozinti wabo uDennis Onyango wabavikela,” kusho uBarker.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...