Ilanga News
Home 9 Ezemali Featured 9 OweDowns ukhale ngamathuba abawayekile eKapa

OweDowns ukhale ngamathuba abawayekile eKapa

by | 19 December 2024

UBETHWELE uthayela kunomoya u-Enyinnaya Kazie weStellenbosch FC, ebuya amagemugemu emapalini abo u-Iqraam Rayners weMamelodi Sundowns eCape Town Stadium, ngomhla ka-18 kuZibandlela. | Wilkisky/BackpagePix

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ubalise ngamathuba abawayekile bedla ngo-1-0 iStellenbosch FC koweBetway Premiership eDHL Stadium eKapa izolo ngoLwesithathu ebusuku.

Igoli leDowns livalelwe enethini ngu-Igraam Rayners, oyijoyine ngaphambi kokuqala kwesizini, esuka kuyona iStellies.

“Ngicabanga ukuthi bekumele ziye ekhefini sihamba phambili ngamagoli amabili nangaphezulu. Sakhe inqwaba yamathuba alula obekumele siwasebenzise. Kodwa-ke okubalilekile wukuthi sikwazile ukuvala emuva. Bekubalulekile ukunqoba lo mdlalo,” esho.

Uncome indlela abadlali abazinikela ngayo ukusebenzela ikilabhu, nendlela abasibambe ngayo isitayela sakhe, ikakhulu laba abebengalitholi kakhulu ijezi phambilini.

Umqeqeshi weStellies uSteve Barker uvumile ukuthi ezakhe bezihubha izithunzi ngesiwombe sokuqala, wathi kodwa bekumele balithole igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili.

“Abadlali esibafakile basisizile, sakwazi ukuthwala umdlalo. Bese sibacindezela, kodwa unozinti wabo uDennis Onyango wabavikela,” kusho uBarker.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...