KUDUSTHULWE kwabulawa ilungu le-IFP elingenele esokuba yikhansela kuWard 8, kumasipala waseMshwathi izolo ntambama.
Ngokuthola kweLANGA, uMnu Lucky Sokhela kuthiwa udutshulwe washona engena kubo. Kuthiwa ubephuma eMgungundlovu eqeda kupaka ngemoto yakhe egcekeni ngesikhathi edutshulwa.
UMnu Mziwemali Thusi othe ubesondelene kakhulu noSokhela, uthe uye emndenini kamufi lapho efike watshelwa khona ngokudutshulwa kwakhe.

“Ngokuthola kwami ngomndeni ubefika ekhaya kodwa kunemoto emlandelayo engene kanye naye egcekeni. Umndeni uthe bebezitshela ukuthi enye yezimoto zabangani bakhe kodwa bathuswe ukuqhuma kwesibhamu. Bathe bazivalele endlini ngesikhathi kuqhuma isibhamu kwabonakala le moto ebimlandela iphuma egcekeni ibaleka. Uma befika kuyena bathe bafike eseshonile,” esho.
UNobhala we-IFP kwiSifunda Indlovu, uMnu Mzwandile Majozi uthe abanalwazi noma kuhlobene yini nepolitiki ukubulawa kukaSokhela.
“Sihlela ukuyovela emndeni njenge-IFP ukuzwa ukuthi kwenzekeni. Akukho esisakutholile okukhomba ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nepolitiki. Akhona amanye amalungu aseyile emndeni kodwa nathi njengobuholi sizovela khona kusasa (ngoLwesine),” esho.
Okhulumela uMasipala waseMshwathi, uMnu Sibusiso Mkhithi, uthe bazwile ngesigameko sokushona kukaSokhela.
“USokhela ungumakhelwane wami futhi bengingazi nokuthi ungenele ukhetho lokuba yikhansela. Ubengumuntu ozilungele futhi bengingenalwazi lokuthi ungenele ukuba yikhansela. Ngisho neqembu le politiki akulona bengingazi nokuthi ukulona ngoba ungumuntu ongakhulumi kakhulu,” esho.
Kwenzeka lokhu nje kusanda kudutshulwa, uMnu Khethelo Mdluli obengenele ukuba yikhansela le-IFP kuWard 17 kumasipala waseMlalazi.







