Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 OwoGu ubheke inzuzo kaR50 million ngokubuya kowe-jazz

OwoGu ubheke inzuzo kaR50 million ngokubuya kowe-jazz

by | 14 May 2025

UZIMISELE ukuhlomula ngenzuzo ka-R50 million uMkhandlu Ugu ngokubuya komcimbi we-jazz owaziwa ngokuthu Ugu Jazz Festival kodwa awucacisi uzofaka malini ukuqinisekisa ukuthi uyafinyelela kule nzuzo.

Lokhu kuvezwe uMnu Owen Mazibuko oyimanenja yalo mkhandlu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni idili elibizwa nge-Off Ramp elizokwenzeka ngoJune nonyaka oluzobe lunemicimbi eyahlukene nezimidlalo okubalwa nawo umcimbi woGu Jazz Festival.

Nakuba uMazibuko eveze lo mhlomulo kodwa akacacisanga ngesamba semali uMkhandlu ozosikhipha ngalo mcimbi.

Utshele abezindaba ukuthi umkhandlu wamakhansela usazohlangana ngenhlos yokuqhamuka nesamba esiqondile umasipala ozosikhipha ukuqinisa ukuthi uba impumelelo.

Lo mcimbi wethulwe ngokusemthethweni eMushroom Lounge eMhlanga ngoLwesithathu lapho bekukhona izikhulu zalo masipala okubalw uMeya wawo uMnu Skhumbuzo Mqadi neMeya kaMasipala ongaphansi koGu iRay Nkonyeni uNkk Zodwa Mzindle nabanye.

Ngesikhathi ekhuluma kulo mcimbi uMazibuko uthe njengomasipala kuyabathokozisa ukukhuza ibuya kwalo mcimbi woGu njengoba uke wanyamalala ebantweni ngenxa yezingqinamba zokushoda kwamanzi ezike zahlasela indawo yasoGwini lwesifundazwe.

Uthe nakuba bengakabi sesimweni esikahle ngokugcwele ngokwezezimali kodwa sebeyakwazi ukubhekana nezingqinamba zamanzi futhi abasenayo inkinga ababe nayo phambilini ngayo.

Uthe ngenxa yokubona ukusimama kwabo kule nkinga babone kungcono ukuthi bawubuyise lo mcimbi ngenhloso yokufukula ezokuvakasha oGwini.

UMqadi uthe indawo yasoGwini iyaziwa ngokuheha izivakashi ikakhulukazi ngesikhathi sikaJune ngakho ukubuyisa lo mcimbi kuzoba nomthelela omuhle emnothweni.

Uchaze amabhishi asogwini njengalawo asezingeni lomhlaba nokwenza izivakashi zikuthokozele ukuza ngakhona.

UMnu Siya Msomi wenkampani ejutshwe ukuhlela lo mcimbi iCool Sound uthe kuyamthokozisa ukuphinde athole ithuba lokuhlela lo mcimbi njengoba eke awuhlela phambilini ngaphansi kwenye yezinkampani zakhe iSiyasound.

Uthe inhloso enkulu ngokubuya kwalo wukunyusa izinga uze ufinyelele ezingeni leMacufe eBloemfontein eFree State noma iCape Jazz Festival eWestern Cape okuyimicimbi esisezingeni lo mhlaba.

Uthe okuhle ngale mcimbi abantu abayihambelayo abahehwa abaculi abasuke benandisa kodwa bahehwa yinjabulo abayaziyo bazoyithola ngokubva kulezo zindawo.

Uthe kulo nyaka bazobe bewethula ngokusemthethweni kubantu ukubuya kwawo ngakho ngeke ube sezingeni lawo elejwayelekile.

“Kulo nyaka siyawethula sizoba nabo abaculi abazonandisa kodwa ngeke kube ifestival njengoba sihlelwa ukwenza kusukela ngonyaka ozayo.

“Uzofana nesidlo sakusihlwa esizobe sinabaculi nje okuzoba wumcimbi ozothatha noma amahora amathathu. Kusukela ngonyaka ozayo sizobe sesenza into yamehlo njengoba sizobe sesinesikhathi esanele sokuqhamuka nomqondo omusha esifisa o mcimbi uqhubeke ngayo kuya phambili,” esho.

Lo mcimbi uzokwandulelwa imicimbi eyahlukene efana nowokudoba, owezemidlalo iMayors Sport Tournament, Ukuqwala izintaba nokuzivocavoca nowendumiso ozohlanganisa abefundiso nabaculi bowokholo.

Uveze ukuthi iphupho labo wukwenza inyanga uNhlangulana kube ngeyasoGwini ngenxa yoxhaxha lwemicimbi abazoyihlela kule ndawo njengoba bezobambisana nabo bonke omasipala abangaphansi koGu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...