Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ukhonjwa kwiBlack Leopards uKhenyeza

Ukhonjwa kwiBlack Leopards uKhenyeza

by | 10 November 2025

UKHONJWA kwiBlack Leopards uMabhuti “Lion” Khenyeza okuvela ukuthi ulaxaze iKomani United egijima kwiSafa Eastern Cape ABC Motsepe League.

Kuthiwa uKhenyeza ulandelwe ukuzofaka uzinzo kwiLeopards eyiqale ngebatha isizini ka-2025/26 kwiMFC iholwa nguJoel “Mpholofitha” Masutha obeyinhloko yabaqeqeshi.

Kuthiwa ngemuva komhlangano ojulile, izikhulu zeLidoda Duvha zimkhombe indlela uMasutha osekuvela ukuthi ufuna umsebenzi.

ILeopards iyiqale kabi isizini nje, ibinqindwe amandla yiFifa ngenxa yesigwebo esinikwe yile nhlangano elawula ibhola emhlabeni jikelele ukungabasayinisi abadlali abasha.

Ezisematheni

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igwebe udilikajele uSibongiseni Mkhize (39) noNkosinathi Ndlovu (41) abebengaphandle ngoshwele kodwa babulala umnikazi wepulazi eWaterfall. Iphinde yabagixabeza ngeminyaka engu-20 umuntu emunye ngokugqekeza nokutholakala nesibhamu...

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

UZOHLONISHWA ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili owayeyisekela likaMengameli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71) oshone ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi likamengameli limemezele izinhlelo zokufihlwa kwakhe futhi umngcwabo uzoba se-Eastern Cape ngoMgqibelo. UDkt...