Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa udlulise amazwi enduduzo kumaKhatholika

URamaphosa udlulise amazwi enduduzo kumaKhatholika

by | 22 April 2025

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usedlulise amazwi enduduzo kumaKhatholika emhlabeni wonke ngokudlula komholi wawo uPope Francis.

Lo mholi udlule emhlabeni izolo ngoMsombuluko, endlini yebandla iCasa Santa Marta, eVatican City, ngemuva kokushaywa yi-stroke nokumelwa yinhliziyo. Ubeneminyaka ewu-88.

Esitatimendeni esikhishwe yihhovisi lakhe namuhla ngoLwesibili, uRamaphosa uthe lo mholi ichithe impilo yakhe elwela ukulingana, ukungavalelwa ngaphandle nokuphathwa ngendlela kwabantu ababandlululekile. Uthe uFrancis ubekukhathalela nokunakekelwa kwemvelo.

“UMsombuluko kube wusuku olubi kumaKhatholika namakholwa emhlabeni wonke kudlula umholi obelwela ukuhlanganisa bonke abantu, futhi efuna wonke umuntu aphathwe ngenhlonipho. Ubephethe lesi sikhundla ngentobeko futhi wenze isonto laba yindawo lapho wonke umuntu ezizwa emukelekile,” kusho uRamaphosa.

UPope Francis kubhekwe ukuba abekwe endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...