Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sekuqashwe imenenja entsha kumasipala waKwaNongoma

Sekuqashwe imenenja entsha kumasipala waKwaNongoma

by | 17 December 2024

UQOKWE ngokugcwele uMntwana Nhlakanipho Zulu, njengemeneja kumasipala wakwaNongoma ngemuva kokuba umkhandlu wakulomasipala ukhombe indlela uMnu Mpumelelo Mnguni, obebekwe njengonemeja obambile.

Kuzokhumbuleka ukuthi enyangeni edlule, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, uNgqongqoshe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uqoke uMnu Mnguni njengemenenja ezobamba ngemuva kokukhala ngokuthi kuningi okungalungile kulomasipala athe ucwile uvele ngekhanda ezikweletini.

Ngokuthola kweLANGA namhlanje kuhlale umkhandlu wakulomasipala lapho uMnu Mnguni ekhonjwe khona indlela ngoba kuthiwa akanawo amaphepha akhombisa ukuthi uqashwe ngokusemthethweni. Kulo mhlangano wanamhlanje kube sekuqashwa ngokuphelele uMntwana Zulu njengemeneja.

Ethintwa yiLANGA, uqinisekisile ukuthi sekunguye inemeja kulomasipala.

“Ngiqashwa manje nje umhlangano usanda kuphela,”kusho yena.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...