UQOKWE ngokugcwele uMntwana Nhlakanipho Zulu, njengemeneja kumasipala wakwaNongoma ngemuva kokuba umkhandlu wakulomasipala ukhombe indlela uMnu Mpumelelo Mnguni, obebekwe njengonemeja obambile.
Kuzokhumbuleka ukuthi enyangeni edlule, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, uNgqongqoshe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uqoke uMnu Mnguni njengemenenja ezobamba ngemuva kokukhala ngokuthi kuningi okungalungile kulomasipala athe ucwile uvele ngekhanda ezikweletini.
Ngokuthola kweLANGA namhlanje kuhlale umkhandlu wakulomasipala lapho uMnu Mnguni ekhonjwe khona indlela ngoba kuthiwa akanawo amaphepha akhombisa ukuthi uqashwe ngokusemthethweni. Kulo mhlangano wanamhlanje kube sekuqashwa ngokuphelele uMntwana Zulu njengemeneja.
Ethintwa yiLANGA, uqinisekisile ukuthi sekunguye inemeja kulomasipala.
“Ngiqashwa manje nje umhlangano usanda kuphela,”kusho yena.