Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Sibi isimo sokuphathwa kwemali komasipala

Sibi isimo sokuphathwa kwemali komasipala

by | 13 June 2025

KUBIKWA ukuthi iya ngokujula inkinga yesimo sokuphathwa kwemali kanye nendlela yokuphatha jikelele komasipala.
Lokhu kushiwo nguSihlalo weKomidi eliqondene nezokuBusa ngokuBambisana, noBuholi boMdabu ePhalamende, uDkt Zweli Mkhize.
Uthi umbiko wakamuva wocwaningo mabhuku osanda kwethulwa ephalamende ukhomba ngokusobala ukuthi iyaqhubeka nokujula inkinga yemali nokuphatha komasipala.
Kulowo mbiko owethulwa nguNkz Takalani Maluleke, onguMngwaningi Mabhuku omkhulu kuvele ukuthi ezweni lonke bangu-16% kuphela omasipala abathole umbiko ongenagcobho (clean audit).
Okuphinde kwabalulwa wuDkt Mkhize wukuthi kunenkinga yokushoda kwamakhono afanele aqondene nokuphathwa kwemali komasipala, wathi lesi simo sesisesigabeni senhlekelele.


Uqhube wathi inkinga yemiphumela emibi yocwaningo mabhuku komasipala idalwa wukwehluleka kosopolitiki ukuhambisa umsebenzi ngendlela efanele, wukungabikhona kohlelo oluqondile lokubhekana nezinto ezingahambi kahle (consequence management), kanye nomkhuba wokungajeziswa kwabangenzi kahle.
Ubalule ukuthi kunomasipala abawu-113 abasebenza ngemali abangenayo, abenza izinhlelo abangeke bakwazi ukuzixhasa, okuwubudedengu obuyisimanga.


UDkt Mkhize uqhube wathi beyikomidi abasazimisele ngokulalela izaba komasipala abangenzi kahle. Uthi abakudingayo umsebenzi obonakalayo, ukuthathwa kwezinyathelo zokulungiswa okungahambi kahle, kanye nokubeka phambili ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo.


UDkt Mkhize uthi umthetho olawula ukusebenza komasipala ukhona, kodwa okungenzeki ukusetshenziswa kwawo nokushoda kobuholi obuqotho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...