Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Sibi isimo sokuphathwa kwemali komasipala

Sibi isimo sokuphathwa kwemali komasipala

by | 13 June 2025

KUBIKWA ukuthi iya ngokujula inkinga yesimo sokuphathwa kwemali kanye nendlela yokuphatha jikelele komasipala.
Lokhu kushiwo nguSihlalo weKomidi eliqondene nezokuBusa ngokuBambisana, noBuholi boMdabu ePhalamende, uDkt Zweli Mkhize.
Uthi umbiko wakamuva wocwaningo mabhuku osanda kwethulwa ephalamende ukhomba ngokusobala ukuthi iyaqhubeka nokujula inkinga yemali nokuphatha komasipala.
Kulowo mbiko owethulwa nguNkz Takalani Maluleke, onguMngwaningi Mabhuku omkhulu kuvele ukuthi ezweni lonke bangu-16% kuphela omasipala abathole umbiko ongenagcobho (clean audit).
Okuphinde kwabalulwa wuDkt Mkhize wukuthi kunenkinga yokushoda kwamakhono afanele aqondene nokuphathwa kwemali komasipala, wathi lesi simo sesisesigabeni senhlekelele.


Uqhube wathi inkinga yemiphumela emibi yocwaningo mabhuku komasipala idalwa wukwehluleka kosopolitiki ukuhambisa umsebenzi ngendlela efanele, wukungabikhona kohlelo oluqondile lokubhekana nezinto ezingahambi kahle (consequence management), kanye nomkhuba wokungajeziswa kwabangenzi kahle.
Ubalule ukuthi kunomasipala abawu-113 abasebenza ngemali abangenayo, abenza izinhlelo abangeke bakwazi ukuzixhasa, okuwubudedengu obuyisimanga.


UDkt Mkhize uqhube wathi beyikomidi abasazimisele ngokulalela izaba komasipala abangenzi kahle. Uthi abakudingayo umsebenzi obonakalayo, ukuthathwa kwezinyathelo zokulungiswa okungahambi kahle, kanye nokubeka phambili ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo.


UDkt Mkhize uthi umthetho olawula ukusebenza komasipala ukhona, kodwa okungenzeki ukusetshenziswa kwawo nokushoda kobuholi obuqotho.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...