Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Seluliwe isikhathi sokubhaliswa kwezitolo zasemakhaya nasemalokishini

Seluliwe isikhathi sokubhaliswa kwezitolo zasemakhaya nasemalokishini

by | 22 December 2024

SIZWAKELE isikhalo sabanikazi bezitolo ezincane (spaza shops) ezisemakhaya nasemalokishini, sokunikezwa ithuba elithe xaxa lokubhalisa izitolo zabo njengokomyalelo kahulumeni.
Nakuba umnqamulajuqu wokuba kubhaliswe lezi zitolo nezinye izindawo ezihweba noma ezigcina ukudla ubungoLwesibili kuleli sonto, kodwa uhulumeni usethathe isinqumo sokwelula isikhathi.


UMnu Velenkosini Hlabisa onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu kuzwelonke, umemezele lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ethula umbiko ngomsebenzi osuwenziwe kusukela uhulumeni washaya umthetho wokuba kubhaliswe.


Isinqumo sokuba kubhaliswe samenyezelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngomhla ka-15 kuLwezi (November) emuva kokubheduka kwenkinga yokushona kwezingane ezisuke zidle ukudla okudayiswa kulezi zitolo.
Emuva kwaleso simemezelo kwaba nesikhalo kubanikazi balezi zitolo, bethi sincane isikhathi sezinsuku eziwu-21 uhulumeni obusinqumile.


UHlabisa uthe kuningi okusamele kwenziwe wuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi lo mkhakha wezitolo zasemakhaya nasemalokishini ulawulwa ngendlela efanele, nokuthi uhambisana ngendlela eyiyo nemigomo ebekiwe yezempilo. Uqhube wathi uhulumeni uyakuqonda ukukhathazeka kwabanye abathintekayo kulolu hlelo lukahulumeni lokubhaliswa kwezitolo, mayelana nendaba yesikhathi ebesinqunyiwe.


Uveze ukuthi uhulumeni uvule izikhungo eziwu-392 ezweni lonke okubhaliselwa kuzo labo abafuna izimvume zokuhweba. Wathi zingu-42 915 (kuzwelonke) izicelo ezifakwe kusukela ngomhla ka-15 kuLwezi kuze kube wuLwesibili obeluwumnqamulajuqu.


“Kulezi zicelo eziwu-42 915 ebezifakiwe, ziwu-19 385 eseziphasisiwe,” esho.
Uqhube waveza ukuthi labo izicelo zabo eseziphasisiwe kakusho ukuthi sebeqedile, kodwa uhlelo luyaqhubeka, wathi kusamele bathole izimvume zokuhweba ngokusemthethweni. Wathi kusazodingeka nokuba abahloli bezempilo babheke izindawo zabahwebi ukuthi ziyahambisana yini nemigomo yezempilo eqondene nezindawo eziphatha ukudla.


Ucacise ukuthi uma kutholakala ukuthi ibhizinisi kalihambisani nemigomo yezempilo lizovalwa ngisho noma ngabe libhalisiwe ngokusemthethweni. Uveze ukuthi awu-1 041 amabhizinisi asevaliwe kumanje okutholakale ukuthi aphambana nemigomo yezempilo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...