Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Seluliwe isikhathi sokubhaliswa kwezitolo zasemakhaya nasemalokishini

Seluliwe isikhathi sokubhaliswa kwezitolo zasemakhaya nasemalokishini

by | 22 December 2024

SIZWAKELE isikhalo sabanikazi bezitolo ezincane (spaza shops) ezisemakhaya nasemalokishini, sokunikezwa ithuba elithe xaxa lokubhalisa izitolo zabo njengokomyalelo kahulumeni.
Nakuba umnqamulajuqu wokuba kubhaliswe lezi zitolo nezinye izindawo ezihweba noma ezigcina ukudla ubungoLwesibili kuleli sonto, kodwa uhulumeni usethathe isinqumo sokwelula isikhathi.


UMnu Velenkosini Hlabisa onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu kuzwelonke, umemezele lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ethula umbiko ngomsebenzi osuwenziwe kusukela uhulumeni washaya umthetho wokuba kubhaliswe.


Isinqumo sokuba kubhaliswe samenyezelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngomhla ka-15 kuLwezi (November) emuva kokubheduka kwenkinga yokushona kwezingane ezisuke zidle ukudla okudayiswa kulezi zitolo.
Emuva kwaleso simemezelo kwaba nesikhalo kubanikazi balezi zitolo, bethi sincane isikhathi sezinsuku eziwu-21 uhulumeni obusinqumile.


UHlabisa uthe kuningi okusamele kwenziwe wuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi lo mkhakha wezitolo zasemakhaya nasemalokishini ulawulwa ngendlela efanele, nokuthi uhambisana ngendlela eyiyo nemigomo ebekiwe yezempilo. Uqhube wathi uhulumeni uyakuqonda ukukhathazeka kwabanye abathintekayo kulolu hlelo lukahulumeni lokubhaliswa kwezitolo, mayelana nendaba yesikhathi ebesinqunyiwe.


Uveze ukuthi uhulumeni uvule izikhungo eziwu-392 ezweni lonke okubhaliselwa kuzo labo abafuna izimvume zokuhweba. Wathi zingu-42 915 (kuzwelonke) izicelo ezifakwe kusukela ngomhla ka-15 kuLwezi kuze kube wuLwesibili obeluwumnqamulajuqu.


“Kulezi zicelo eziwu-42 915 ebezifakiwe, ziwu-19 385 eseziphasisiwe,” esho.
Uqhube waveza ukuthi labo izicelo zabo eseziphasisiwe kakusho ukuthi sebeqedile, kodwa uhlelo luyaqhubeka, wathi kusamele bathole izimvume zokuhweba ngokusemthethweni. Wathi kusazodingeka nokuba abahloli bezempilo babheke izindawo zabahwebi ukuthi ziyahambisana yini nemigomo yezempilo eqondene nezindawo eziphatha ukudla.


Ucacise ukuthi uma kutholakala ukuthi ibhizinisi kalihambisani nemigomo yezempilo lizovalwa ngisho noma ngabe libhalisiwe ngokusemthethweni. Uveze ukuthi awu-1 041 amabhizinisi asevaliwe kumanje okutholakale ukuthi aphambana nemigomo yezempilo.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...