Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Sengathi imisebenzi kaShenge ayenzele izwe singangayikhohlwa

Sengathi imisebenzi kaShenge ayenzele izwe singangayikhohlwa

by | 27 August 2025

MHLELI: Ngivumele ukuba ngisike elijikayo ngokubaluleka kwalolu suku. Phela usuku uNkulunkulu abusisa ngalo izwe laseNingizimu Afrika ngokuthi sazalelwa umholi osebenzele ukwenza kangcono impilo yabampofu kunabo bonke abampofu, uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (osesithombeni).

Lapha ngikhuluma ngesishabasheki somzabalazo wenkululeko esasibambe ummese lapho usika ngakhona, engumholi oqotho, nobenyanya inkohlakalo. Njengoba izwe lakithi selisungule inqwaba yamakhomishane nezigcawu zokucubungula inkohlakalo eyenzeke ezinhlakeni zikahulumeni emikhakheni yontathu yezinhlaka zikahulumeni nosombusazwe, nezisebenzi zikahulumeni nasemkhakheni wosomabhizinisi abazimele, ukuba kwasikwa ikhasi endleleni uMntwana waKwaPhindangene ayehola ngayo iNkatha, uhulumeni waKwaZulu nohulumeni wobumbano kusukela ngo-1994 kuya ku-2004, ngabe le ngwadla esibhekene nayo yokukhwabanisa kayikho.

Ngingasho ngingananazi ukuthi uMntwana waKwaPhindangene kukhulu asifundisa khona empilweni yakhe. Sibala ukuzithoba, ukuba nonembeza wokusebenzela abampofu, wukusebenza ngokuzikhandla, ukuba wuhlobo lomholi ozingxabo zakhe zikubantu, umholi onombono, umholi ongacwasi ngokobuhlanga, umholi okwazi ukuqeqesha abaholi, nomholi okwazi ukusebenza nabanye.

Ubengumholi ongangabazi ukuthatha isinqumo uma kudingeka ukuba enzenjalo, umholi onika amathuba obuholi ebantwini besifazane nomholi ongezwani nobukhazikhazi obumenza ahlukane nabantu abasebenzelayo.
UMntwana waKwaPhindangene esengungqongqoshe ngaphansi kukamengameli uThabo Mbeki, wasungula umthethosivivinywa wokunqanda ukutheleka kwezakhamizi zakwamanye amazwe ngaphandle kwezimvume, kodwa uMbeki wamvimba, wathi angaqhubeki nawo.

Waze wamthathela izinyathelo zomthetho ngoba engafuni ukuthi aqhubeke nalo mthethosivivinywa. Sekuwumlando manje ukuthi ukuba uMbeki akamvimbanga uShenge ukuba enze lokho okwakuyovikela abantu baseNingizimu Afrika, ngabe le nselelo esibhekene nayo yokwehluleka ukuvimba ukuthutheleka kwezakhamizi zakwamanye amazwe ngaphandle kwezimvume, yagwemeka.

Phela i-ANC, yayithi nabo abazange bavinjwe ukuya emazweni angapha-ndle kwemingcele yakithi ngesikhathi besekudingisweni, ngenxa yalokho yathi akulungile ukulawula ukungena nokuphuma kwabantu abangezona izakhamizi zezwe lakithi. Kunjani-ke manje?

Okunye uShenge ayekhala ngakho, wukukhishwa kwezizumbulu zemali yabakhokhi bentela kutakulwa amabhizinisi kahulumeni okwakuhlanganisa neSAA, ibhizinisi lezindiza zezwe lakithi elagcina liwe bhu phansi, laze ladayiswa ngenxa yezinkinga zezezimali elalibhekene nazo. Nalapho akalalelwanga, zagcina izinto zimapeketwane njengoba zinjalo namhlanje.

UMntwana waKwaPhindagene wasazisa sisesebasha ukuthi kukhona umholi owayesejele, eboshelwe uku-lwela kwakhe inkululeko. wayeqonde uMnu Nelson Mandela. Wasifundisa ukuthi uma sikhuluma kuzona zonke izigcwawu, sishisa umzabalazo wenkululeko, kufanele sitshele uhulumeni wobandlululo ukuthi ukuze izwe lakithi libe nokubuyisana, kufanele sibeke imibandela yokuthi kumele uhulumeni wobandlululo ukhiphe iziboshwa zezombusazwe emajele.

Lezo ziboshwa ezazingoMnu Nelson Mandela noMnu Zeph Mothopeng. Kubuye kuvulwe umlomo izinhlangano zezombusazwe ezazinqatshelwe yimithetho yobandlululo ukuba zisebenze ngokukhululeka ezweni lakithi. Sekuwumlando manje ukuthi uMnu FW De Klerk njengomengameli wezwe wokugcina kuhulumeni wobandlululo, ngenkathi ememezela izinguquko ezinqala ngo-1990, wabalula uMntwana waKwaPhindangene njengomholi owamlekelela ukuthi enze izimemezelo azenza, ezaguqula umlando wezwe lakithi, wabheka enkululekweni eyafika ngoMbasa (April) 1994.

Ngithe mangisike elijikayo ngamagalelo oMntwana waKwaPhindangene. Kuyajabulisa ukuzwa ukuthi uMnyango wezobuCiko namaSiko ngaphansi kobuholi bukaMnu mntomuhle Khawula, uzoqala uhambo ngomhla ka-27 kuNcwaba (August) 2025, lokuthi iliba loMntwana libe yisigcinamagugu (heritage site). Ngisishayela ihlombe lesi senzo somnyango ukuze izizukulwane ezizayo, zizofunda, zazi kabanzi ngalo mholi onohlonze kangaka.

Ngakolunye uhlangothi, iSigungu sikaZwelonke seNkatha, sangithwesa umthwalo wokuba nguSihlalo wekomiti elihlela imigubho yokubonga ukuthi iNkatha kulo nyaka seyihlanganise iminyaka ewu-50 yasungulwa. Isigungu sanquma ukuthi usuku lomhla ka-27 kuNcwaba, lubizwe ngosuku loMntwana (Prince Magosuthu Buthelezi Day). Ngalolu suku, zonke izinhlaka zeNkatha zilindeleke ukuba zenze imisebenzi yokusiza imiphaka-thi yalapho zikhona, njengendlela yokukhumbula uShenge.

Kungaba wukusiza abangasenama-ndla okuzenzela ngenxa yobudala, ukutshala nokunisela izivande, nakho konke okuhambisana nezimfundiso zoMntwana asishiya nazo zokuthi kumele sizisize thina, sithembele kithina (self-help and self-reliance) Sengathi imisebenzi uMntwana waKwaPhindangene ayenzela izwe lakithi emihleni yokuphila kwakhe, ingelibaleke, naye singamlibali.

OTTO B Kunene
Ilungu leSigungu sikaZwelonke seNkatha

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...