
ISHAYWE ngoswazi oluncane inkabi eyanyaniswa nokufa kukasonkontileka wemayini iRichards Bay Minerals (RBM), uMnu Sipho Zwelethemba Masuku, owadutshulwa wabulawa ngo-2024, neNkosi yesizwe samaNtungwa, e-Utrecht, uSiphamandla Khumalo, eyadutshulwa yabulawa noNdlunkulu wayo, uThuthukile Khumalo, ngo-2023.
Inkabi ilahlwe ngamacala awu-26 okubulala nokuzama ukubulala, angahlangene nokubulawa kwalaba. UHalalisani Mchunu (29), ugwetshwe iminyaka ewu-25 icala ngalinye, yiNkantolo eNkulu yaseGoli ngemuva kokuvuma amacala okubalwa kuwona awu-7 okubulala, awu-17 okuzama ukubulala nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu, okungekho emthethweni.
Isiyonke iminyaka ayitholile iwu-300, kodwa ngenxa yokuthi izigwebo zizohambisana, uzodonsa iminyaka ewu-25 kuphela. Kuthiwa la macala enzeka phakathi kukaNtulikazi (July) ka-2023 noNcwaba (August) ka-2024. Athinta ukubulawa kosomatekisi baseGoli, kwachaphazeleka nabagibeli, njengoba amanye kuvela ukuthi ayenzeka emarenki.
Kuthiwa kwaba nezigameko ezimbili zokudutshulwa kosomatekisi, esokuqala senzeka ngezikhathi zasekuseni lapho uMchunu nethimba lakhe, bavulela ngenhlamvu bebhekise kosomatekisi ababeserenki, kwalima abathathu. Ekuhambeni kosuku badubula babulala abane ababeqaphe umsebenzi wamatekisi, oyedwa walima. Kuthiwa kwadlula unyaka, uMchunu nethimba lakhe bahla- sela usomatekisi waseMidrand, bamdubula nonogadaba bakhe, kwalimala abantu abane kwatheleka ngamachaphazelo izimoto ezaziseduze.
Kuthiwa kwadlula izinsuku ezimbili, bahlasela babulala owayebheke umsebenzi wamatekisi enkabeni yeGoli. Ngalo lolo suku, kuthiwa leli thimba lahlasela imoto okuthiwa ngekasomatekisi, eyayipake ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eKagiso. Kulesi sigameko kwaphangalala iphoyisa elalingekho emsebenzini, uConst Nthabiseng Mosidi, nosomatekisi uMthokozisi Ndlela.
Ngemuva kwezinsuku eziwu-10 kwenzeke lesi sigameko, amaphoyisa abopha abane okubalwa kubo noMchunu. UMchunu watholakala nezibhamu ezintathu zohlobo lwe-AK47, nesisodwa sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu. Uphenyo lwamaphoyisa lwahlanganisa lezi zibhamu noxhaxha lwamacala.
NgoLwezi (November) walowo nyaka, uMchunu waboshelwa icala lokubulala uMasuku. Kwavela ukuthi isibhamu atholakala naso, yisona esabulala uMasuku. ILANGA labika ngokubulawa kukaMasuku owayenenkampani yonjiniyela eyayisebenzela eRBM. Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa, lathi kalingabazi ukuthi ukubulawa kukaMasuku kuhlobene nomsebenzi ayewenza eRBM, njengoba ngaleso sikhathi zaziziningi izigameko zokubulawa kosonkontileka nezikhulu zase-RBM.
NgoNhlaba (May), wakulo nyaka amaphoyisa aseKZN aqinisekisa ukuthi asebophe uMchunu, owayegcinwe ezitokisini eGoli, ngecala lokubulawa kweNkosi uKhumalo nondlunkulu wayo. Athi athole ukuthi uhlobo lwesibhamu se-AK47, esasetshenziswa kubulawa inkosi, siyefana nesatholakala kuMchunu. Udaba lokubulawa kweNkosi uKhumalo lwaba sematheni njengoba kwavela ukuthi yona, undlunkulu wayo nendodana yabo eyayineminyaka emine, babesendleleni ngesikhathi bevinjezelwa yimoto eyavulela ngenhlamvu ibhekise kubona.
Inkosi nondlunkulu baphelela endaweni yesigameko, indodana yabo yasinda. Ngeledlule, inkantolo igwebe uMchunu ngamacala awenza eGoli. Kuthiwa ube nesivumelwano nombuso sokugwetshwa iminyaka ewu-25 ecaleni lokubulala ngalinye kulawa awu-7. Kube sekuba yiminyaka ewu-5 ecaleni ngalinye lokuzama ukubulala neminyaka ewu-15 kwelokutholakala nezibhamu nezinhlamvu.







