Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka Featured 9 Siphila okwamadelakufa, asibuboni ubungozi ebungozini

Siphila okwamadelakufa, asibuboni ubungozi ebungozini

by | 8 December 2025

SIGUDLA NOGALAKAJANA

SIPHILA esikhathini esingaphephile neze, kodwa sethemba abantu esingabazi ngezimpilo zethu mihla namalanga sengathi silinga uSathane. Okokuqala nje, sethemba omakhalekhukhwini nalezi zinto okuthiwa phecelezi ngama-apps.

Iningi labantu lihamba ngala matekisi okuthiwa ngama-Uber ebusuku, ayobabeka emnyango yalapho behlala khona, ngaphandle kokucabanga ukuthi lo muntu oshayelayo kungenzeka abe ngumbulali. Sisakhula, wawungeke nje ungene emotweni yomuntu ongamazi, noma ngabe kuseminini kwabha. Yayingathi iyama nje imoto, kuthiwa gibela, uvele ucele empunzini noma umkhombe ngesagila, umthembise ukumfinyisa igazi umshayeli okukaMkhize waseMzini Wezinsizwa.

Namuhla uyayibiza le Uber yakhona, ifike, uthi uyasibheka isithombe somshayeli esikwi-app yakho, kasifani ncamashi nalo ozokulanda, kodwa ugibele ngoba wethemba umakhalekhukhwini wakho. Sifunda emaphephandabeni njalo ukuthi kukhona ababanjwa inkunzi yibo laba bashayeli balezi zimoto, ikakhulukazi lezi ezingaphansi kwale nkampani okuthiwa yiBolt.

Ngikhumbula isafika le nkampani, abantu, ikakhulukazi abesifazane, babexoxa ezishaqisa umzimba ngokwenzeka kubo. Uma beya emaphoyiseni nasemaphephandabeni, le nkampani ibaphike laba bashayeli, ithi kayibazi. Thina sasixakeka ngoba lolu hlobo lwamatekisi kalumiswa emgwaqweni, kodwa uyibiza kwi-app, uyikhokhele ngaphambi kokuthi ize. Manje lo muntu abathi kabamazi, waze ngani ukuthi ubize itekisi, nokuthi uyilinde kuphi?

Mina uma ngibize i-Uber ngoba nakhu ngiya lapho kuzobe kujatshulwe khona, ngiphatha izulu lezandla ukuze uma kwenzeka ukuthi umshayeli uyinswelaboya, ngikwazi ukuzivikela. Futhi kangihlali phambili, ngihlala esihlalweni esingemuva ngimbuke esiphundu. Lapho ushayela ejeqeza ngemuva, kunguye othukile. Lokhu kwenza asheshe afike lapho siya khona. Usuke ezibuza eziphendula ukuthi ngizomsoconga noma cha, mhlawumbe nje ngingomunye walaba babulali okuthiwa ngamasiliyeli khila.

Futhi kangixoxi, ngingena ngimbingelele bese ngithula indlela yonke. Uma ethi uyangixoxisa, ngimane ngifake izipikha zasezindlebeni sengathi ngilalele umculo, ngizibukise umakhalekhukhwini. Kukhona futhi lokhu okuthiwa ngama air-BNB, lapho uqashisa khona indlu yakho uyiqashisela abantu abaseholidini, abangafisi ukuhlala ehhotela.

Uphume nje ngempela emzini wakho uyokhosela ezihlotsheni, ushiye abantu ongabazi endlini yakho nezinto zakho zonke ngoba wethemba ukuthi ngeke bantshontshe. Ngelinye ilanga uyofika kugengqeza endlini, kungekho ngisho isipuni nendwangu yokukolobha, bentshontshe ngisho namaphela imbala. Kuthiwa futhi uyakwazi ukuqashisa igumbi elilodwa. Cabanga uvuka ebuthongweni uthi uya endlini encane, ushayisane ngezifuba nondlebe zikhany’ ilanga ephasejini, ephuma ukuyozikhulula. Uthi umbamba ngewashingi, ucabanga ukuthi ungene ngefasitela ezokweba, bese uyakhumbula ukuthi konje uneziqashi zabelungu.

Uthi uyavuka ekuseni, uthole begcwele ikhishi bedla ukudla kwakho. Uthi uyothatha ishawa, ufice imbotshana ekhipha amanzi angcolile ivalekile, igcwele izinwele zomlungu ngoba ziqothuka okoboya bekati.
Siphila esikhathini esinzima.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...