Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sishaye ngamafuphi iSilo sivula iSishayamthetho

Sishaye ngamafuphi iSilo sivula iSishayamthetho

by | 27 February 2025

SISHAYE ngamafuphi sagxila ezihlokwezi ezimqoka iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sethula ngokusemthethweni inkulumo yaso yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu Natal ezinkundleni zemidlalo iWoodburn eMgungundlovu ngoLwesine.

ISilo uMisuzulu kaZwelithi siqale inkulumo yaso ngokuphakamisa ukuthi uhulumeni ubambe ingqungquthela yokubhekana ngqo nesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu sikhale ngokuthi siyaqhubeka nokugadla kubantu bakulesi sifundazwe kanti kumele isukunyelwe.

Siveze ukuthi kumqoka ukuthi udaba lwesimo sezulu lusheshe lusukunyelwe futhi sizimisele ukuthi zibe yingxenye yale ngqungquthela.

“Inkulumo yami yokuqala ngazibophezela ukuthi ngizowuvikela umhlaba wobaba mkhulu,” kusho iSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Siphinde sakhala nangodaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane esithe sizimisele ukuqhubeka nokuba yihawu lokubavikela.

ISilo sikubeke kwacaca ukuthi udaba lwalolu dlame asidingi abomthetho kuphela kodwa sidinga wonke umphakathi okuhlanganisa izinduna namakhosi.

Sitshele izicukuthwane ukuthi sesiqalile ukuhamba phambili ukulwa nalesi sihlava ngokusebenzisana nezinhlangano ezizimele nezingenzi inzuzo.

Kalusalanga ngaphandle udaba lobugebengu esithe lusazqhubeka nokukhathaza kulesi sifundazwe.

“Kuyacaca ukuthi impi yobugebengu kasikayinqobi ngakho nakhona kumele siqhubeke silwe ukuze abantu baphephe,” kusho iNdlulamithi.

ISilo siphinde sazwakalisa ukuqhubeka nokukhathazeka ngodaba oluthinta ibhange Ithala neNgonyama Trust.

Nakuba singandanga kakhulu ngalolu daba kodwa sinxuse ukuthi kumele kufinyelelwe ezixazululweni futhi sinethemba lokuthi kuzokwenzeka lokhu.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini siphinde saphawula ngodaba oluthinta ukuvalwa koxhaso oluqhamuka e-United States of America njengoba uMengameli waleli lizwe uMnu Donald Trump wamemezela kuyavalwa ukuthi iNingizimu Afrika ithole uxhaso olwahlukene oluqhamuka ezweni lakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...