Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UZuma uphinde wachithwa yinkantolo kolukaDowner noKaryn Maughan

UZuma uphinde wachithwa yinkantolo kolukaDowner noKaryn Maughan

by | 1 April 2025


KUPHINDE kwambhedela umholi woMkhonto Wesizwe Party (MKP) uMnu Jacob Zuma emizamweni yokushushisa ngasese ummeli wombuso uMnu Billy Downer nentatheli uNkk Karyn Maughan.


Izolo ngoMsombuluko iNkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo sikaZuma sokuba kubuyekezwe isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokumenqabela ukushushisa laba bobabili.


UZuma usola uDowner noNkk Maughan ngokwephula ilungelo lakhe ngokuveza esidlangaleni imininingwane yokwelashwa kwakhe. Inkantolo inqume ukuba uZuma akhokhe zonke izindleko zokulalelwa kwalolu daba.


Bese kungokuka-8 uZuma echithwa yizinkantolo kulolu daba.


UZuma nenkampani yezokuvikela iThales, yaseFrance, bafuna kuhoxiswe amacala ababhekene awo okubalwa kuwona awenkohlakalo nawokushushumbisa imali. UZuma ukhala ngokuthi kuleli cala selihlukunyeziwe ilungelo lakhe lokushushiswa ngokungachemile.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...