Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UZuma uphinde wachithwa yinkantolo kolukaDowner noKaryn Maughan

UZuma uphinde wachithwa yinkantolo kolukaDowner noKaryn Maughan

by | 1 April 2025


KUPHINDE kwambhedela umholi woMkhonto Wesizwe Party (MKP) uMnu Jacob Zuma emizamweni yokushushisa ngasese ummeli wombuso uMnu Billy Downer nentatheli uNkk Karyn Maughan.


Izolo ngoMsombuluko iNkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo sikaZuma sokuba kubuyekezwe isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokumenqabela ukushushisa laba bobabili.


UZuma usola uDowner noNkk Maughan ngokwephula ilungelo lakhe ngokuveza esidlangaleni imininingwane yokwelashwa kwakhe. Inkantolo inqume ukuba uZuma akhokhe zonke izindleko zokulalelwa kwalolu daba.


Bese kungokuka-8 uZuma echithwa yizinkantolo kulolu daba.


UZuma nenkampani yezokuvikela iThales, yaseFrance, bafuna kuhoxiswe amacala ababhekene awo okubalwa kuwona awenkohlakalo nawokushushumbisa imali. UZuma ukhala ngokuthi kuleli cala selihlukunyeziwe ilungelo lakhe lokushushiswa ngokungachemile.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...