Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ugcwele izinkalo “obulale” uninakhulu ngefosholo kubangwa amanzi

Ugcwele izinkalo “obulale” uninakhulu ngefosholo kubangwa amanzi

by | 5 November 2024

PHUMLANI GAMA

LIGCWELE izinkalo ibhungu elisolwa ngokugenca, libulale uninakhulu ngoMgqibelo ebusuku kubangwa ukongiwa kwamanzi eMphola, KwaNongoma. Kubikwa ukuthi umsolwa okunezinsolo zokuthi usekubhaceni, ubenengxabano noNkz Bathabile Mthethwa onguninakhulu, okuthe besahilizisana, wadonsa ifosholo ebelisegcekeni, wamshaya ngalo. 

Kubikwa ukuthi umshaye waze wamyeka esebona ukuthi usephelelwe ngamandla. Ngokulandisa kowesifazane ongumakhelwane kamufi, ingxabano isuswe yinkulumo kamufi obenxusa umsolwa ukuba angawasebenzisi budlabha amanzi ngoba naye uyazi ukuthi atholakala kanzima. “Kufike ingane igijima, izocela ukuba siyibizele amaphoyisa ngoba umfowabo useshaye wabulala uninakhulu. Kuthe uma sifika khona, sathola isidumbu sikagogo sintanta phezu kwedamu legazi. Iyodwa into ebusa lo mfana, wukungezwani nesikole nokugxila ekusebenziseni izidakamizwa. Kalukho uhlobo lwesidakamizwa angaludli. Uyingane eluhlaza. Nathi siyayesaba le ngane ngenxa yobudlova bayo,” kusho umakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule icala lokubulala, athungatha umkhondo womsolwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...