Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ufaniswe nesosha lentuthuko owayeyimenenja kumasipala waseRichmond

Ufaniswe nesosha lentuthuko owayeyimenenja kumasipala waseRichmond

by | 22 September 2025

UFANISWE nesosha lentuthuko uMnu Sibusiso Sithole, owayeyimenenja kumasipala waseRichmond, owadutshulwa wabulawa ngo-2017.

Lokhu kuvezwe yiMeya yalo masipala uMnu Melikhaya Ngcongo namuhla eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho kulindeleke uluba kuqale ukulalelwa kokukhishwa kwesigwebo sikaSabelo Phewa olahlwe yicala lokubulala uSithole.

USithole wabulawa mhla ka-3 kuNdasa (March) ngo-2017 esendleleni eya emhlanganweni lapho kwakuyodingidwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa ayekuphenya.

Imeya iveze ukuthi uSithole ubengumuntu ozinikele ekuthuthukiseni umphakathi futhi eyisosha lentuthuko. Uthe kuze kube manje, kunezinto umasipala osazikhomba ezinhle ezashiywa nguyena uSithole.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...