Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ufaniswe nesosha lentuthuko owayeyimenenja kumasipala waseRichmond

Ufaniswe nesosha lentuthuko owayeyimenenja kumasipala waseRichmond

by | 22 September 2025

UFANISWE nesosha lentuthuko uMnu Sibusiso Sithole, owayeyimenenja kumasipala waseRichmond, owadutshulwa wabulawa ngo-2017.

Lokhu kuvezwe yiMeya yalo masipala uMnu Melikhaya Ngcongo namuhla eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho kulindeleke uluba kuqale ukulalelwa kokukhishwa kwesigwebo sikaSabelo Phewa olahlwe yicala lokubulala uSithole.

USithole wabulawa mhla ka-3 kuNdasa (March) ngo-2017 esendleleni eya emhlanganweni lapho kwakuyodingidwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa ayekuphenya.

Imeya iveze ukuthi uSithole ubengumuntu ozinikele ekuthuthukiseni umphakathi futhi eyisosha lentuthuko. Uthe kuze kube manje, kunezinto umasipala osazikhomba ezinhle ezashiywa nguyena uSithole.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...