Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UHlabisa udlulise amazwi enduduzo emndenini womshayeli wakhe

UHlabisa udlulise amazwi enduduzo emndenini womshayeli wakhe

by | 14 January 2025

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa, ucele ukuba kunikwe umndeni womshayeli wakhe ophangalale engozini yemoto ithuba lokuzila nokwenza izinto eziqondene nawo ngokuyimfihlo.

UHlabisa ubuye abe ngumengameli we-IFP, ukusho lokhu ngemuva kokuba kudlule emhlabeni omunye wabashayeli bakhe obehamba yedwa, emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eZinkwazi, ngaphandle kwaKwaDukuza, ngezithuba zantambama ngoMgqibelo.

Kubikwa ukuthi umshayeli owehlele yilo muga ubebuya ukuyoshintsha amasondo emoto abehamba ngayo.

Okhulumela lomholi, uNkk Pearl Maseko-Binqose, uthe uHlabisa uhlangenile nomndeni kamufi, wadlulisa amazwi enduduzo.

“Umshayeli ubehamba yedwa ngesikhathi kwenzeka le ngozi. UNgqongqoshe uHlabisa udlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe. Ube esecela ukuba kuhlonishwe futhi kunikwe umndeni ithuba lokuzila nokwenza izinto eziqondene nawo ngokuyimfihlo,” kusho uBinqose.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnu Mkhuleko Hlengwa, usiqinisekisile lesi sigameko.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...