Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UHlabisa udlulise amazwi enduduzo emndenini womshayeli wakhe

UHlabisa udlulise amazwi enduduzo emndenini womshayeli wakhe

by | 14 January 2025

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa, ucele ukuba kunikwe umndeni womshayeli wakhe ophangalale engozini yemoto ithuba lokuzila nokwenza izinto eziqondene nawo ngokuyimfihlo.

UHlabisa ubuye abe ngumengameli we-IFP, ukusho lokhu ngemuva kokuba kudlule emhlabeni omunye wabashayeli bakhe obehamba yedwa, emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eZinkwazi, ngaphandle kwaKwaDukuza, ngezithuba zantambama ngoMgqibelo.

Kubikwa ukuthi umshayeli owehlele yilo muga ubebuya ukuyoshintsha amasondo emoto abehamba ngayo.

Okhulumela lomholi, uNkk Pearl Maseko-Binqose, uthe uHlabisa uhlangenile nomndeni kamufi, wadlulisa amazwi enduduzo.

“Umshayeli ubehamba yedwa ngesikhathi kwenzeka le ngozi. UNgqongqoshe uHlabisa udlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe. Ube esecela ukuba kuhlonishwe futhi kunikwe umndeni ithuba lokuzila nokwenza izinto eziqondene nawo ngokuyimfihlo,” kusho uBinqose.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnu Mkhuleko Hlengwa, usiqinisekisile lesi sigameko.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...